Umculi waseMelika ushaye iTheku ngesithende ngomzuzu wokugcina

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Basale bedumele abathandi bomculo wokholo ngemuva kokuba isihlabani saseMelika ebesizonandisa eThekwini uMfundisi Shirley Ceaser ehoxe ngomzuzu wokugcina.

UCeaser ubezonandisa ngoMgqibelo eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini kodwa abe-Christian New York Times nomasipala iTheku kuthe ngawo uMgqibelo emini sekusele amahora ambalwa kuyiwe kuKhonsathi i-reSURGEnce bakhipha isitatimende bexolisa ukuthi akasezi.

Bathe kunezimo esezivele zabangaphezu kwamandla abo nokwenze ukuthi angabe esakwazi ukuza.

Kugcine sekunandisa uzakwabo naye oyinkakha uHezekiah Walker, u-Ayanda Ntanzi, uDumi Mkokstad nabaculi abaduma ku-Joyous Celebrations okungoXolly Mncwango noMnqobi Nxumalo.

Abathandi baCeaser bebelokhu bebalise njalo ukuthi ubanjwe yini ngoba bawathengele yena amathikithi.

I-reSURGEnce iqale ngezinhlelo ezahlukene okubalwa ukuhlomisa omabhizinisi ngezohwebo namathuba omnotho nokunye.

Nokho kuke kwaba nomsindo ngayo njengoba i-DA ibifuna incazelo mayelana nokuthi kungani umasipala weTheku echithe imali ebalelwa ku-R30 million ukuhambisa izikhulu zeTheku nomlingisi woMkhokha uNay Maps ukuyohlangana nabefundisi be-reSURGEnce eMelika njengoba bekulungiselelwa lo mbuthano ovalwe ngenkonzo ebingesonto eThekwini.

UMenenja uMnuz Musa Mbhele uthe njengoba bekuhlangenwe eThekwini iNingizimu Afrika izohlumula ngotshalo zimali luka-4 billion wamadola aseMelika eminyakeni eyishumi ezayo kanti abazohlomula kakhulu osomabhizinisi abamnyama.

Izihloko zakamuva