Umculi waseMelika usephinde wenza i-remix yengoma yakhe ayicula noKabza kanye noMaphorisa

Sizwe Sibiya

I-remix yengoma yakhe entsha ebizwa nge-Mystery Lady, umculi waseMelika uMasego uyikhiphe ngendlela yama-piano, kanti uyicula nabaculi ababili asebemkantshubomvu.

“Ngibathulela isigqoko laba baculi be-piano uKabza De Small kanye noDJ Maphorisa,” kubhala umculi oneminyaka engama-28 oqhamuka e-Kingston, e-Jamaica, ngesikhathi ebazwisa ingoma kancane ku-Twitter ngoLwesithathu.

Ngemuva kwesikhathi esincane, ukhiphe ingoma enesihloko esithi-“Mystery Lady (Scorpion Kings Remix”, njengoba sebeyikhiphe kabusha kanti ihlanganisa i-Afro-tech House kanye nama-piano.

“Le ngoma ethi-Mystery Lady kusho ukuthi ibihleli emqondweni kaMasego, njengoba bengaqali ukukhipha i-remix yale ngoma. I-remix yokuqala yayibizwa nge-Mystery Lady(Segos Remix), kodwa wayikhipha yedwa futhi wayecula kuyona aphinde ashaye i-rap ngesigqi samarasta. Yakhishwa ezinyangeni ezine ezedlule.

Lo mculi ophinde ashaye icilongo waduma kakhulu ngonyaka wezi-2017 ngemuva kokukhipha ividiyo yakhe kanye nodlala ngensimbi wase-French u-FKJ becula ingoma enesihloko esithi-Tadow.

Le ngoma yayinomsindo othule we-Jazz, kodwa yaphenduka i-RnB ngaphambi kokuba iphele ngesikhathi uMasego eshaya umucu kuyo. Ingoma enesihloko esithi-Tadow isinababukeli abayizigidi ezi-340 ku-YouTube.

Umthombo wevidiyo: YouTube

Izihloko zakamuva