Umculi wase-Nigeria uNaira benoBusiswa bakhiphe ingoma eshisa izikhotha

Sizwe Sibiya

UNaira Marley benoBusiswa bahleli phezu kweshadi lomculo lase-Nigeria ezinsukwini ezimbalwa nje kuphela ngemuva kokukhishwa kwengoma yabo ethi, “Coming”.

UNaira oneminyaka engama-29 ubelokhu ephakamisela phezulu ifulegi lase-Nigeria selokhu aqala ukuduma ngowe-2015 nge-EP yakhe yokuqala i-Gotta Dance.

Kodwa ukusebenzisana kwakhe noBusiswa oneminyaka engama-32, kubukeka kuyisisekelo sakhe esikhulu kakhulu.

Kunomlando omude futhi ocebile wabaculi base-Nigeria abasebenzisana nabaculi baseNingizimu Afrika, kepha uNaira uselibeke kwelinye izinga nentokazi yeKalawa Chikita.

Njengoba ikhishwe ngenyanga eyedlule, i- “Coming” ikhombisa ukuba ngenye yezingoma ezinkulu eziphume enhlabathini yase-Afrika ezinyangeni ezedlule, futhi izinombolo seziqala ukuvumelana.

UNaira uveze ku-instagram ukuthi le ngoma idinga udanse “nomaqondana wakho.” Ngaphandle kwalokhu, wabelane ngevidiyo yakhe efundisa yena benoBusiswa betshengisa kahle ukuthi izithandani kufanele ziyidansele kanjani le ngoma ngaphansi kwe-hashtag ethi #ComingChallenge.

Ngesikhathi kushicilelwa la magama, isiqeshana esingama-42 sesibili sesishoda nje ukubukwa ngabayizinkulungwane ezimbalwa ukufinyelela kwisigidi.

Yize ukukhishwa kwevidiyo yomculo ehambisana nakho kungenakugwemeka, ukusatshalaliswa kwengoma kunikeza amazwibela ekumaketheni umculo othandwayo ngokuzayo.

Eminyakeni ye-Instagram kanye ne-Tik Tok, kusebenza kangcono ukudala “inselelo” yomdanso yengoma yakho kunokukhipha ividiyo yomculo enesabelomali esikhulu.

Esikhathini esingaphansi kwesonto, isiqeshana sevidiyo sikaMarley benoBusiswa sishise izikhotha kunamavidiyo omculo amaningi ebesingaphupha ngawo.

Njengamanje, iqembu lakhe labalandeli – noma “amaMarlians” – baphupha ngethemba lokubona uBusiswa edansela “i-Coming” eceleni kukaNaira kuvidiyo yomculo ezayo.

Umthombo wesithombe: @MusicAlkebulan