Sizwe Sibiya
Isihlabani somculo we-Afrobeat esiqhamuka e-Nigeria uDavido kanye nomdidiyeli wezingoma zama-piano ezishisa izikhotha eMzansi uFocalistic, bahlangane enkabeni ye-London ukuze benze ividiyo yomculo eshisa izikhotha ethi-“Champion Sound”.
Laba bobabili bake bahlanganisa kabusha ingoma kaFocalist ethi-“Ke Star” eyathola iplatinamu ngesikhathi isithengiswa, njengoba ngokusebenzisanabayenza ingoma eshisa izikhotha emhlabeni wonke noDJ Vigro Deep.
UFocalistic ube ngomunye wabaculi abambalwa baseMzansi oseke wahlangana nabanye abaculi bamazwe ngamazwe wahlala kumashadi aseMelika ngengoma yakhe ebekwe nezinye izingoma eziyishumi ezihamba phambili. ethi-“Ke Khonamanjalo, ufinyelele kubaculi abahlanu abahamba phambili emazweni ayisishiyagalolunye ase-Afrika okuhlanganisa ne-Nigeria, kwamenza isihlabani somhlaba ngokushesha.
Ividiyo yomculo ethi-“Champion Sound”, eyashuthwa neqembu labalandeli bakaDavido nethimba lakhe, isibukwe okungaphezu kwezigidi ezimbili ngemuva kokuba ikhonjiswe ku-YouTube ngoLwesihlanu. Njengamanje ihlezi kunombolo yeshumi nambili kumashadi omculo wenkundla yamazwe ngamazwe.
Ngaleso sikhathi, i-“Ke Star” isibukwe okungaphezu kwezigidi eziyi-12 ku-YouTube kusukela yakhululwa ezinyangeni eziyisishiyagalolunye ezedlule – okungumlando kulaba ababili.
Umthombo wesithombe: YouTube