Umculi wase-Nigeria ovelele uDavido usezithengele i-Lamborghini njengesipho sakhe sikaKhisimusi

Sizwe Sibiya

Sekuyileso sikhathi sonyaka futhi lapho abantu bechitha khona imali ngokuthenga izipho ezibizayo zabathandiweyo babo, noma bezithengela bona ngokwabo. Osaziwayo bavamise ukuthi kube ibona abahamba phambili ngokusebenzisa imali eningi.

Umculi wase-Nigeria osevelele emhlabeni jikelele uDavido ushiye abantu bekhamisile ngoLwesihlanu ngesikhathi eveza “isipho sakhe ngaphambi kwesikhathi sikaKhisimusi,” esiwuhlobo lwemoto i-Lamborghini Aventador e-silver-grey enomugqa oluhlaza oyimpushana okhanyayo kanye nezihlalo zesikhumba.

UDavido, osanda kunikela ngemali eyizigidi ezi-250 Niara enhlanganweni esiza abampofu, uthenge i-Rolls Royce Cullinan SUV emnyama engabiza izigidi ezi-350 wama-Naira ngoNhlaba. Lokhu kwengeze kwizinhlobonhlobo zezimoto zakhe zikanokusho, okubalwa kuzo i-Range Rover, i-Bentley Bentayga kanye ne-Mercedes-Benz GLE Coupe.

Yize lo mculi wengoma ethi “Assurance” ezifela ngezimoto, uqinisekise abalandeli bakhe ukuthi i-Lamborghini Aventador imoto yakhe yokugcina yohlobo oluphambili.

Khonamanjalo, umlingisi wase-Nigeria uLuchy Donalds uzithengele imoto entsha sha yohlobo lwe-Mercedes Benz SUV njengesipho sikaKhisimusi.

“Ngakho-ke ngenkathi ngise-Istanbul isipho sami sikaKhisimusi besihleli singilindile ekhaya.

“Ngiyakuhalalisela,” kubhala isihlabani sase-Nollywood esineminyaka engama-30 kumazwibela evidiyo ekhombisa imoto yaso entsha ku-Instagram.

Umthombo wesithombe: Instagram

Izihloko zakamuva