Umculi wase-Kenya uthandane nabobulili obufanayo ngoba “amadoda awathembakele ayakulimaza, futhi ayakuphula inhliziyo”

Kamogelo Muvhenzhe

Ukuhlukumezeka, ukungathembakali kwabantu besilisa, ukudumazeka nokuphulwa inhliziyo ngamadoda kuphoqe umculi wesifazane wase-Kenya uNoti Flow ukuba athandane nababobulili obufanayo.

UNoti utshele i-Nairobi News lokhu ngemuva kokuthi efake isithombe somlingani wakhe wesifazane ezinkundleni zokuxhumana.

“Sengikuyekile ukuthandana nabesilisa, ngacishe ngabulawa ebudlelwaneni bami bokugcina,” esho.

Lo mculi nongumkhiqizi wengoma ethi-She don’t know wake wathandana nomunye umculi uColonel Mustapha.

Laba bobabili bahlukana phakathi kunezinsolo zokuhlukumezeka kubo bobabili.

UNoti uthe ebudlelwaneni bakhe obuningi nabobulili obuhlukile, wayehlukunyezwa ngokomzimba kanti futhi waphuma amazinyo.

“Eminyakeni edlule yokuqoma abesilisa, ngibone ukuthi konke abake bakufuna kwakuwukuya ocansini futhi banamandla. Abathembakele ngaso sonke isikhathi kodwa abamfuni umuntu ongathembakele,” engeza.

Wengeza ngokuthi ubike ukuthi ukwazile ukuvulela omunye wabahlukumezi amacala kodwa wecekelwa uhlelo olungasebenzi.

“Amaphoyisa angitshele ukuthi ngeke alivule icala lobugebengu ngoba ngizobuyela kumuntu obengihlukumeza, athi asewabonile amanye amacala anjalo.

“Kunzima kakhulu ukuthola ubulungiswa ikakhulukazi uma ungakhokhi. Ngiyacabanga nje ukuthi bangaki abesifazane abadlula kulolu dlame lwasekhaya bese behluleka ukuthola ubulungiswa ngenxa yokudikibala,” esho.

Izihloko zakamuva