Dylan Bettencourt
Inkantolo yokudluliswa amacala e-France ikhiphe isinqumo esikuthi umculi wase-Congo uKoffi Olomide akanalo icala lokudlwengula abadansi bakhe abane, kodwa yamlahla ngecala lokubathinta ngaphandle kwemvumo yabo.
Inkantolo efanayo yakhipha isinqumo ngonyaka wezi-2019 sokuthi lesi sihlabani sase-Afrika sinecala lokudlwengula intombazanyana engomunye wabadansi bakhe ngesikhathi ineminyaka eyi-15 kuphela, kodwa yasiguqula lesi sinqumo njengoba u-Olomide ebeqhubeka nokuvela enkantolo.
U-Olomide, ogama lakhe langempela u-Antoine Agbepa Mumba, walahlwa icala lokuthinta abadansi bakhe abane ngaphandle kwemvumo yabo e-Paris eminyakeni emine, kusuka ngonyaka ka-2002 kuya kunyaka ka-2006.
Lo mculi uzodonsa isigwebo sezinyanga eziyi-18 ebhadla ejele kanti futhi uyalelwe ukuthi akhokhele abadansi isinxephezelo somonakalo awudalile.
Umshushisi womphakathi kuleli cala uyalele u-Olomide ukuthi uzogwetshwa iminyaka eyisishiyagalombili ejele kanti izisulu zisale zidumele kakhulu ngesigwebo.
“Abadansi kusobala ukuthi baphoxekile ngezinqumo zokuhlukunyezwa ngokocansi ngoba lokhu bekubaluleke kakhulu kubona,” kusho ummeli wabo uDavid Desgranges.
Omunye wabadansi usole lo mculi ngokumshaya izikhathi eziningi emahhotela ahlukene, ezimotweni nasezindaweni zokuqopha imbala.
Inkantolo yase-France yachaza ukuthi basichitha isinqumo sabo sangonyaka wezi-2019 esathola u-Olomide enecala lokuhlukumeza ngokocansi ngenxa yobufakazi obushintshile futhi obuphikisanayo obuvela kubadansi.
Kodwa-ke, inkantolo yasisekela isinqumo sabo sokuthi umculi waqinisekisa ukuthi abesifazane ubaphuca amalungelo abo futhi babebukwa abanye abesilisa ababili ababehambisana no-Olomide ababavalela ekamelweni elalingenawo ugesi.
Inkantolo yengeze ngokuthi ngaphezu kwesigwebo sakhe asitholile esilengisiwe, u-Olomide kufanele akhokhele umdansi ngamunye imali ephakathi kweyizi-180 000 zamarandi kuya kweyizi-578 000 zamarandi njengesinxephezelo.
Lo mculi oneminyaka engama-65 ubudala ungomunye wabaculi base-Afrika abadumile futhi wake wakhipha ingoma yothanda ethi-“Loi” eyashisa izikhotha ngonyaka wezi-1997.
Akukhona okokuqala u-Olomide eba senkingeni yezomthetho. Ngonyaka ka-2018 i-Zambia yayalela ukuba aboshwe ngezinsolo zokushaya umthwebuli wezithombe. Ngonyaka wezi-2016 waboshwa wadingiswa ngokushaya omunye wabadansi bakhe e-Kenya kwathi ngonyaka wezi-2012 walahlwa icala e-Congo ngokushaya umdidiyeli wakhe.
Umthombo wesithombe: @AfricaNews