Umculi wakuleli uzocula e-California

Isihlabani somculo uTyla ulungiselela ukuyoqopha umlando e-Coachella okungumcimbi womculo ohlonishwa kakhulu emhlabeni wonke.

Abalandeli bajabulile njengoba ezocula ingoma yakhe eshisa izikhotha ethi Water ngomhlaka-12 nangomhlaka-19 kuMbasa.

I-Coachella yaziwa ngokuhlanganisa izinhlobonhlobo zomculo nobuciko. Lomcimbi wenziwa e-Empire Polo Club e-California kusukela ngohlaka 12 kuya ku-21 kuMbasa.

UTyla uzobe eshiyelana inkundla nochungechunge lwezihlabani okubalwa kuzo u-Ice Spice, uLil Uzi Vert, noJhene Aiko.

Lo mcimbi uzobe uphethwe osaziwayo abadumile okubalwa uTyler The Creator, uLana Del Rey, noDoja Cat.

Kube nenjabulo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi uTyla esabalalisa i-poster yomcimbi ku-Instagram.

Luhlanganiswe ngimbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UTyla.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva