Doreen Mokgolo
Umculi we-Bacardi uVusiMaR5 uthi azimkhathazi nakancane izinkulumo ezingezinhle ngezimoto zakhe eziwuhlobo lokudlala ezinkundleni zokuxhumana.
NgoLwesine lo mculi oneminyaka engu-34 ubudala wase-Mabopane ufake izithombe zemoto yakhe entsha ewuhlobo lwe-Porsche Cayenne ka-2008 ezihlangabezane nenqwaba yezinkulumo ezingezinhle zabalandeli bakhe.
Abaningi bathe asikho isizathu sokuthi ajabulele imoto yakhe entsha ngoba imodeli endala.
Lo mculi ube esekhipha ividiyo yakhe enesihloko esithu, “Dipolelo ke mabitla”, okusho ukuthi angeke asabe ukugibela i-Porsche yakhe ngenxa yezinkulumo zabantu.”
NgoMasingana uthenge i-Mercedes-Benz CLK ka-2008 nayo ehlangabezene nezinkulumo ezidelelayo neziyinhlamba kwabanye abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mculi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi wathenga izimoto ukuze afeze ezinye zezithembiso azenza kuyena esengumfanyana.
“Ngikhule ngihlupheka kakhulu, kodwa ngazithembisa ukuthi ngelinye ilanga uma sengiphumelele empilweni ngizozithengela imoto eshintshwayo kanye ne-Mercedes-Benz.
“Njengoba sengikwazi ukuzikhokhela ngizama ukufeza wonke lawo maphupho,” echaza.
Lo mculi uthe ubuxhwanguxhwangu ezinkundleni zokuxhumana akumthinti ndawo ngoba ukwazi ukubekezela kusukela esemncane.
“Ngangigconwa futhi ngihlukunyezwa ngoba ngizalelwa emndenini ompofu.
“Kwakunezinsuku lapho ngangingenakho ukudla kwasemini futhi kwakudingeka ngiphuze amanzi ngidlale ibhola ngesikhathi sesidlo sasemini esikoleni.”
Uthe waqunga isibindi waze wasiyeka isikole efunda ibanga lesishiyagalolunye.
“Ngangikhathele ukuhlupheka ngabona sengathi isikole singimoshela isikhathi sami futhi ngingasisebenzisa ukwenza imali ukuze ngiphile.
“Ngaqhubeka ngadayisa amanzi ezimpambanweni zezimoto ngaphinde ngaba umuntu odonsa abantu ezindaweni zokucima ukoma njengoba ngangikhokhelwa khona ngotshwala nango-R200.”
Wakhetha ukubalekela ubumpofu futhi wasebenzisa wonke amathuba anawo ukuze enze imali.
Nyakenye ukhiphe ingoma yakhe yokuqala ethi, “Tsenyane” eyaba ingoma eshisa izikhotha. Ukhiphe enye ingoma eshisa izikhotha ekuqaleni konyaka, ethi “Matenase”.
Isithombe esingaphezulu: uVusiMaR5 and his Porsche.