Umculi wakuleli uyonandisa e-Dubai 

Lubhalwe nguLinda Ximba

Umculi we-Afro-jazz uJudith Sephuma uqokelwe ukuthi ayonandisa emcimbini wokucula kaHans Zimmer e-Dubai ngoLwesihlanu ngomhlaka-27 kuMasingana.

Lo mculi owazalelwa e-Limpopo ucelwe ukuyonandisa kanye noLebo M ongumdidiyeli wefilimu i-Lion King kanye noTony owawina indondo yama-Grammy nophinde abe isihlabani somculo.

USephuma noLebo M bazocula kanye nowawina izindondo ze-Oscar amahlandla amabili kanye nezindondo zama-Grammy amahlandla amane, ongumqambi wamafilimu nophinde abe umdidiyeli wezingoma uHans Zimmer.

USephuma obejabule uveze lezi zindaba ekhasini lakhe laku-Instagram ngesikhathi ebhala ethi “Yebo-ke… Sekunezinyanga ezimbalwa ngizigcine kimi lezi zindaba ezimangalisayo. Umfowethu omkhulu u-@thereallebo_m wangishayela ucingo wangicela ukuthi ngihlanganyele kanye naye ohambweni [email protected] futhi ngasamukela isimemo ngingazi ukuthi lokhu kukhulu kangakanani.

“Lokhu kuyinto ezoshintsha impilo yami. Kuyiphupho lomculi ukusebenza ne-orchestra yalolu hlobo  nabaculi abahlonishwayo njengoHans Zimmer Live owaziwa ngomsebenzi wakhe omangalisayo njengomqambi wamafilimu afana ne-Batman.”

USephuma oseneminyaka engaphezu kwengu-20 ecula useke washiyelana inkundla nabaculi abahlonishwayo abafana no-Oletta Adams kanye noChaka Khan, wacula noMichael Bolton waphinde wacula noMengameli ongasekho uNelson Mandela.

Ngemuva kweminyaka engu-40 ekulo mkhakha uZimmer waziwa ngohambo lwakhe lokucula elidumile lapho abalandeli ababejabulela khona izingoma zakhe bukhoma ezidlalwa i-orchestra ephelele.

Esithombeni esingenhla: UJudith Sephuma noLebo M

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva