Umculi wakuleli nezingoma zaseChina

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

U-Eli Zaelo uthi uyayithanda indlela abantu base-China abasabela ngayo uma bemuzwa ecula ngesi-Mandarin.

Lo mculi (27) wase-Tshwane ozinze e-Hong Kong uthi abantu bavele babe nentshisekelo kanye nogqozi. U-Eli ogama lakhe langempela nguTshegofatso Mhlongo ucula ngesi-Cantonese, i-Setswana nangesiZulu.

U-Eli wathuthela e-Hong Kong ngo-2015 ngesikhathi ethola indawo yokulingisa kaNala kwifilimu ye-Disneyland i-Lion King. Wachitha unyaka nesigamu edlala le ndima.

Ngo-2018 wafundisa imidlalo yeshashalazi ezikhungweni ezehlukene eChina; namuhla usethathe indima yomculo wase-Asia ngesivunguvungu.

Kodwa u-Eli osekhiphe ingoma yakhe yakamuva ethi-“The Sun” uthe usengumuntu wase-Afrika.

“Njengabantu base-Afrika kumele sikujabulele ukuthi singobani futhi sihlale sithembekile kithina. Ngomculo wami ngiqhakambisa i-Afrika nezimpande zami zase-Afrika,” esho.

“Umuntu uthola izinto eziningi kanye nokunotha kwesiko lase-Afrika nelakuleli. Ngihlezi ngizama ukufaka lokho emculweni wami,” esho.

Unethemba lokuthi uzonika abantu imvelaphi yelakuleli nokuthi babe nentshisekelo ngesiko lakhe.

Njengamanje u-Eli ukuleli kanti uzobe ephethe umcimbi onesihloko esithi-“The Afri-Chin Experience with Eli Zaelo” e-Menlyn e-Tshwane ngoMgqibelo.

Lo mcimbi uhlose ukugqugquzela ukushintshana nokuthuthukisa ulwazi ngamanye amasiko phakathi kwemiphakathi yakuleli neyase-China. “Uzobhekelela ubudlelwano bamasiko ahlukene phakathi kwamasiko ase-Afrika acebile nawase-China.

“Izikhulumi zosuku ezinolwazi zizonikeza amathuluzi aqondile namasu okuthi uzibeka kanjani njengomuntu wakuleli okwazi ukubhekana nomhlaba,” esho.

Esithombeni esingenhla: U-Eli Zaelo ocula umculo wase-Asia

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva