Sizwe Sibiya
Njengoba enezingoma eziningi ngaphansi kwegama lakhe, lesi kusayisiqalo nje kuBasetsana. Ubenonyaka omatasa ekhipha ingoma ngemuva kwenye ngaphansi kwelebula yokuqopha kaMaster KG i-Wanitwa Mos.
Wanyakazisa imboni yezomculo ngokufinyelela kwinombolo yesine ngengoma ka-Master KG ngoZibandlela nyakenye esihloko sithi “Dali Nguwe”, ayicula ngokuhlanganyela noNkosazana Daughter kanye nomdidiyeli onekhono u-Obeey Amor.
Manje uBasetsana usebuyile ngenye ingoma eshisa izikhotha.
UBasetsana Kolwane odabuka esizweni sama-Tsonga e-North West usedume ngokucula izingoma zothando kodwa ngesikhathi ememezela ingoma yothando esihloko esithi “Uthando Lwakho” uthe ishaya ngendlela ehlukile.
“O tla jola o sa batle” (Uzoqala ukuthandana ungahlosile), kusho uBasetsana ephawula ngengoma entsha kaLowsheen ayicula ngokuhlanganyela naye kuphela njengomculi oqavile kanye noMaster KG ongumdidiyeli wayo.
Njengoba ikhishwe ngoLwesihlanu olwedlule, ingoma ethi “Uthando Lwakho” njengamanje ihlezi kwinombolo yesi-12 eshadini lomculo osabalalayo ku-YouTube futhi iyakhuphuka njengoba isibukwe ngabantu abangaphezu kuka-100,000 okwenzeke esikhathini esingaphansi kwamahora angu-72.
Khonamanjalo uLowsheen usaqhwakele kwinombolo yesibili eshadini lomculo ohamba phambili ku-YouTube ngevidiyo yomculo ethi “Sofa Silahlane” ayenze mhla ziyisikhombisa kuNtulikazi enoMaster KG kanye noNkosazana Daughter. Umemezele ukuthi uzokhipha i-EP yakhe yokuqala enesihloko sithi-1st Chapter ngaphansi kwe-Wanitwa Mos.
Ingoma ethi “Uthando Lwakho” ingeyokuqala ye-1st Chapter okulindeleke ukuthi iphume ngoLwesihlanu ngomhlaka-19 kuNcwaba.
Umthombo wesithombe: Facebook
Umthombo wevidiyo: YouTube