Arthur Greene
Uyanconywa futhi uyazondwa emhlabeni wonke ngokukhuluma kwakhe ngokungagwegwesi, futhi akekho ongaphika ukuthi uKanye West uyincwadi evuliwe kanti ayikho incwadi aseke wayifunda empilweni yakhe.
Umrepha wodumo usanda kuvuma ku-podcast ukuthi akakaze afunde neyodwa incwadi empilweni yakhe.
Ekhuluma ne-Alo Mind Full podcast ngesonto eledlule uKanye uthe, “empeleni angikakaze ngiyifunde incwadi empilweni yami.
“Ukufunda kufana nokudla ama-brussel sprouts (imifino) ,” enezela, nakuba cishe engasho ukuthi anempilo futhi ayajabulisa.
Ube esethi, “ukukhuluma kufana nokuthola i-ravioli yommbila kaGiorgio Baldi,” noma ngabe lokho kusho ukuthini. Ngicabanga ukuthi kumnandi.
Lo makadebona we-hip-hop usanda kuvula isikole samaKristu esizimele e-California.
Kuyindida okwenziwe nguYe ukuthi engavula isikole esisekelwe izifundo zencwadi iBhayibheli ekubeni engumuntu ongakaze afunde ngisho incwadi eyodwa empilweni yakhe.
I-Donda Academy, ese-California izoqhutshwa nguBrianne Campbell oneminyaka engu-28 ubudala njengoba iRolling Stone ibika ukuthi akakaze asebenze kwezemfundo ngaphambilini.
Abazali bahambisa izingane zabo esikoleni esibiza u-R270 000 ngonyaka nabo kubikwa ukuthi kufanele basayine isivumelwano sokungasidaluli lesi sikole kuqala.
Ngokosindalwazi lwesikole umgomo wesikole “unikeza intsha intshiseko, inhloso kanye nezisekelo ezingokomoya ezidingekayo ukuze iphumelele emhlabeni, kodwa hhayi ngamakhono okufunda.