Umculi uthunjwe wadlwengulwa ebuya emcimbini

Tladi Moloi

Umculi weqembu lase-Free State lomculo we-capella uthunjwe wadlwengulwa ekhonjwe ngesibhamu ngemuva kokuphuma emcimbini.

UMamello Mlangeni weqembu i-Tears of Joy uthunjwe ngeSonto ngesikhathi yena nelinye ilungu lomculo belele emotweni yabo.

Abaculi be-Tears of Joy bebebuyela ekhaya ngemuva kokucula emcimbini waminyaka yonke i-Dipontsho Spin.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa mayelana nosizi lwakhe, uMlangeni uthe bekusekuseni ngeSonto ngesikhathi yena nelinye ilungu leqembu uNako Molapo bethunjwa ngaphandle kwe-De Beult Jazz Club ngamadoda amabili abehlomile.

UMlangeni uthe bobabili bebelele  emotweni belinde umshayeli nelinye ilungu leqembu uQwaqwa Mokoena abebengene ngaphakathi endaweni edayisa ukudla beyolanda ukudla.

“Bengicabanga ukuthi ngiyaphupha ngesikhathi ngivula amehlo ngibona umuntu engikhombe ngesibhamu. Bathe angithule bahamba nemoto bengazi ukuthi angingedwa ngoba uMolapo ubesalele ngemuva evenini,” esho.

La madoda afike amisa imoto esigangeni aqala ukumkhumula. Uthe uye waqamba amanga wathi usesikhathini ngethemba lokuthi lo mlisa uzomyeka kodwa waqhubeka nokumdlwengula.

“Ngesikhathi omunye ebona uMolapo ngemuva uye wamyalela ukuthi ehle emotweni kodwa uMolapo wakwazi ukumphusha wakwazi ukubaleka,” esho.

UMolapo uthe amadoda amvusile athi akaphume emotweni. “Ngizwe izwi lowesifazane ethi ngisesikhathini ngangaqaphela ukuthi uMamello.

“Ngiphushe lo mlisa ngabaleka. Ngibone izibuko zikaMamello futhi ngazibuza ukuthi zifike kanjani lapho. Bengithandazela ukuthi kungabi ukuthi ushonile.”

Ngesikhathi bebaleka baye bahlukana uMolapo waya esibhedlela i-Manapo, “Lapho engilashelwe khona imihuzukwana,” esho.

UMlangeni uthe ucashe esigangeni enqunu elinde ukuthi kuphume ilanga ukuze athole usizo.

Ngesikhathi kuphuma ilanga uthi uye wahamba waqonda esigodini esiseduze lapho asizwe khona umphakathi.

UWarrant Officer Mmako Mophiring ukuqinisekisile ukuthi icala lokuthumba kanye nelokudlwengula abhaliswe esiteshini samaphoyisa sase-Phuthaditjhaba wase engeza ngokuthi uphenyo luyaqhubeka.

“Akukaboshwa muntu ngoba izisulu azazi ukuthi obani abasolwa. Kodwa-ke ithimba lethu labaphenyi liphezu kwamacala,” esho.

Izihloko zakamuva