Umculi uthi uzohamba umbuso uma kudutshwa i-ANC

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Umculi woKholo uHlengiwe Mhlaba uthethise amalungu kaKhongolose ukuthi uma esalibele izimpi zangaphakathi ayophaphama mhlaka 29 kuNhlaba izwe selihambile.

UHlengiwe ukusho lokhu emkhankasweni we-ANC obuseMangaung Lifestyle eThekwini kuleli sonto okungowokhetho lukazwelonke lomhlaka 29 kuNhlaba.

“Uma nisalibele ukuthi nicasukile ngoba nidinwe izinto ezenzeka ngaphakathi kuKhongolose bese nigodla amandla ngosuku lokhetho, niyophaphama izwe selihambile. Awucabange ukuthi njengoba ucasuke manje ngabe kuyophela le minyaka emihlanu usadiniwe? Webakithi kahleni. Akesisukume sivikele le nhlangano,” kusho uHlengiwe.

Uqhube wathi ngisho amalunga ombutho angacasuka kanjani kodwa awabekezele ngoba izinto zizolungiswa. 

Ubuye wagadla koMkhonto weSizwe Party wathi ngisho ungaba nemibala efana nekaKhongolose kodwa baze bangadidekeli kuwo.

Utshele abaholi be-ANC ukuthi yize eyisebenzela kangaka le nhlangano kodwa yona ayimvikeli uma esethukwa.

UHlengiwe ubalwa nabanye abaculi abahlomule kakhulu kuHulumeni oholwa uKhongolose njengoba eqashwa emicimbini eminingi yeMinyango kanye neyomasipala abaphethwe i-ANC.

Lo mculi ukewadla ubhedu imicimbini ye-IFP nalapho ebeqashwa kuyo ubuthaphuthaphu nakomasipala baleli qembu.

Ezinye zezingoma zakhe, okubalwa lena ethi ‘Ziyamazi uMelusi’, yagcina idla ubhedu ku-IFP njengoba abalandeli baze bayishintsha izinhlamvu zayo bethi  ‘Ziyamazi uMalusi, uShenge oziholayo’.

Nokho ngo 2016 ubudlelwano babamuncu ngesikhathi ezwakala ekhuluma emcimbini kaKhongolose owawuseNkandla okuthiwa wazwakala enyundela I-IFP ethi ayingabuyiswa nhlobo emandleni okuphatha umasipala waseNkandla.

Izihloko zakamuva