Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UGina Mabaso unamandla angenakuvinjwa futhi wephula izivimbelo kanye nemibono ecatshangwayo ngomculo nangethalente lakhe.
Lo mculi (30) wase-Soshanguve e-Tshwane usebenzisa inkundla yakhe ukushintsha imibono engemihle ngomphakathi we-LGBTQ+.
Uhambo lukaMabaso lube olwamandla nesibindi. Esemusha wayenenkinga ngobulili bakhe nokwesaba ukucwaswa umphakathi. Kodwa ngokwesekwa umndeni wakhe nabangani uye waphumela obala njengothandana nobulili obufanayo.
Kodwa-ke, uMabaso bekusamele abhekane nalabo abenqaba ukumamukela njengoba enjalo. Naphezu kokungamukeleki nokwahlulelwa uye wenqaba ukuhlehla. “Kwadingeka ukuthi ngibe nesibindi ukuze ngingavumeli imibono ecatshangwayo ukuthi ingephule,” kusho yena etshela i-Scrolla.Africa.
Wangena emkhakheni wezokungcebeleka ngo-2013 eyingxenye ye-Teachers North West ku-Clash of the Choirs. Lowo mqhudelwano wamvulela amasango okucula embukisweni efana ne-Marikana the Musical, i-Amandla kanye nasemcimbini kaJonas Gwangwa.
Kulezi zigaba uMabaso uhlezi esebenzisa izwi lakhe ukwenza umehluko. “Ngenza ingxenye yami ngokusebenzisa wonke amathuba engiwatholayo ukuze ngiguqule lo mbono nokuthi ngifundise abanye ngomphakathi we-LGBTQ+,” esho.
UMabaso ukholelwa ekutheni luselude uhambo okufanele luhanjwe uma kuziwa ekwamukeleni nasekuqondeni umphakathi we-LGBTQ+ kuleli. Kodwa njengabantu abafana noMabaso abahamba phambili, izwe lisesimweni esihle.
“Kusekuningi okumele sikufunde kodwa nginethemba lokuthi singaqhubeka nokuthuthuka.”
Ividiyo engenhla: UGina ecula ingoma yakhe ethi-“Self Love” e-SAST Fringe ngo-2021
Esithombeni esingenhla: UGina Mabasa
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe