Lubhalwe nguRorisang Modiba
Umculi waseNingizimu Afrika wodumo uDavid Scott, odume ngelika-The Kiffness, wabelane ngesithombe (meme) ku-X iningi labantu bambone njengomuntu onobandlululo.
I-meme ikhombisa umfana omhlophe osemncane esezimpambanweni zemigwaqo, enye indlela ebheke endaweni kwi-castle emnyama enezimpawu zamaqembu epolitiki afana ne-ANC, iPAC neGood kanti enye iholela kwi-castle esendaweni ekhanyayo enezimpawu zamaqembu afana neDA ne-IFP.
I-meme yakhe isabalale ngokushesha yabukwa abantu abangaphezu kuka-375,000 yaphendulwa abantu abangu-687 ngoLwesihlanu ekuseni.
Omunye ku-X wehlulele uScott ngokungafaki ilogo ye-KFC endleleni eholela kwi-castle emnyama, okwengeza impikiswano.
UKiffness ube eseyishintsha i-meme yakhe wafaka izingcezu zenkukhu kwi-castle emnyama, wathi i-ANC ivame ukunikeza inkukhu emicimbini yabo ukuze bathole amavoti.
“Bengingacabangi ukuthi ungaba nokucwasa ngokwebala kunalokho obuvele uyikona. Halala,” kubhala omunye ku-X.
“Abahlomula ngobandlululo bazosikhombisa ukuthi ngobani abazali babo,” kubhala omunye.
Isithombe esingenhla: uKiffness eduze kwe-meme.
Umthombo wesithombe: X