Umculi udedele ulabhabha wempama kumlandeli

UShebeshxt oyisihlabani somculo saseLimpopo, usephinde waba sematheni ezinkundleni zokuxhumana kodwa hhayi ngomculo wakhe.

Isiqeshana sevidiyo esisabalale ngokushesha ezinkundleni zokuxhumana sibonisa uShebeshxt eshaya umlandeli wakhe ngempama.

Ividiyo ikhombisa ukuthi lo mculi ubecasukile ngaphambi kokuthi asebenzise isandla sakhe. Isenzo sakhe sishiye wonke umuntu ethukile.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana bebemugxeka ngapha nangapha lomculi ngesenzo sakhe.

“Lo mculi onguShebeShxit uyisiphukuphuku futhi angeke ahlale isikhathi eside emculweni,” kusho omunye ezinkundleni zokuxhumana.

“Lomculi uzophinde aboshwe,” kwengeza omunye ehleka.

Omunye ubhale ukuthi: “Lomculi ushesha kakhulu unamacala nje elandelana.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe esingenhla: UShebeshxt.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva