Umculi ucela usizo kusozimali ngolukagesi

Arthur Greene

Umrepha wakuleli u-AKA, usekhathele indaba yokuphela kukagesi kangangokuthi usethathe  isinqumo sokufuna usizo kulowo ongusozimali owazalelwa kuleli u-Elon Musk.

Lo mrepha oseke wawina indondo ku-Twitter ngoLwesibili ugxeke u-Eskom ngokungathuthuki kwawo futhi waphinde waphakamisa enye indlela entsha.

“Impela sekuyisikhathi sokuthi sicabange enye indlela ezomelana no-Eskom mayelana nokuhlinzeka amandla ezweni lethu,” kanti usho kanje  ngaphambi kokubeka amaphutha enziwa uhulumeni wethu.

“Uma kuwu-Eskom kuphela okhethiwe kungani uhluleka ukuletha ugesi ezweni lonke.”

Isixazululo sakhe? umuntu ocebe kakhulu emhlabeni u-Elon Musk.

“Uxolo mnumzane u-Elon Musk angazi ukuthi uhulumeni wethu kungani engakakuceli ukuthi uzosisiza kule nkinga kagesi, kodwa ingabe akhona amathuba okuthi mhlawumbe ungasenzela okuthile, uyazi nawe uzalwa lapha kulelizwe?” Kubuza u-AKA ngesizotha.

Incwadi ka-AKA yenza umqondo omkhulu. 

U-Musk ungusozimali onamandla kwezobuchwepheshe ozibophezele ekusunguleni izinto ezintsha zamandla.

Kodwa akufanele abambe umoya. UMusk odume ngokuthanda izwe lakubo uMzansi ubengakaze aphakamise ngisho nomunwe phambilini ukuze asize.

UMusk wahlukunyezwa kabi esemncane ekhulela ePitoli futhi walishiya izwe ngokushesha nje ngesikhathi esekhulile eneminyaka engu-17. Akavamile  ukuchaza ngelakuleli phakathi nezingxoxo njengoPatrick Soon-Shiong, kuncane akwenzile ukutshala imali kuleli.

Ngelinye ilanga isikole sakhe sangaphambilini samabanga aphezulu i-Pretoria kubikwa ukuthi samcela umnikelo wokuya enkundleni entsha. 

UMusk wathumela imali engaphezu kuka-R1 million, kodwa kwakunombandela wokuthi bangaphinde baxhumane naye.

Izihloko zakamuva