Umculi Rethabile Khumalo osesibhedlela kuthiwa udliswe ushevu

Lubhalwe nguRorisang Modiba

URethabile Khumalo ulwela impilo yakhe esibhedlela ngemuva kwezinsolo zokudliswa ushevu ngumngani wakhe.

Lo mculi ophinde abhale izingoma, uRethabile waduma ngesikhathi evela engomeni ka-DJ Zinhle ethi “Umlilo” eyathola i-triple platinum futhi yabukwa ngaphezu kwezigidi eziyisishiyagalolunye ku-YouTube.

Unina ongumculi uWinnie Khumalo, odume ngengoma ethi, “Ntyilo Ntyilo”, utshele Fakaza ukuthi: “Bengithi ngizothula kuze kulunge indodakazi yami, kodwa ilwela impilo yayo. Udliswe ushevu yilowo okuthiwa umngani wakhe.”

Lo mculi wodumo lwengoma ethi “Live My Life” utshele uMaphepha Ndaba ukuthi kuzovulwa icala emaphoyiseni mayelana nesigameko sokudliswa ushevu.

Unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuthi bathandazele ukuthi indodakazi yakhe ilulame, wengeza ngokuthi isimo sayo asizinzile.

“Usenezinsuku eziyisithupha esesibhedlela. Ngakho nginqume ukuthi kulungile ukwabelana nabalandeli bakhe lezi zindaba ezibuhlungu. Sebemhlinze kathathu,” kusho yena.

“Besinethemba lokuthi uzolulama maduze, kodwa okwamanje akukho kuhle. Uma nikhuleka ngicela nimubeke emkhulekweni.”

Umthombo uthe uRethabile uhlelelwe ukuhlinzwa okwesine ngenxa yokusabalala koshevu.

Osesithombeni ngenhla: URethhabile Khumalo.

Umthombo: Instagram.

Izihloko zakamuva