Umculi osemncane uSA Rifa uhlomule ngezindondo ezimbili emcimbini wama-MEM Awards

Sizwe Sibiya

Umculi osemncane othembisayo uSA Rifa uhlomule ngezindondo ezimbili emcimbini waminyaka yonke wama-MEM Awards  obuse-Centenary Hall e-Mogale City, e-Gauteng ngoMgqibelo.

Le ntokazi eneminyaka engama-20 yaseBhisho e-Eastern Cape igoduke nendondo ye-Best Female Artist neye-Best Collabo ngengoma yayo enesihloko esithi “The Heist” ayicula noPiscez.

USA Rifa, ogama lakhe langempela nguSarifa Malaika Sokutu, uthe ingoma ayiqophe noPiscez igqugquzelwe umdlalo oshisa izikhotha0 wase-Spain odlala ku-Netflix obizwa nge-Money Heist.

Ukugqugquzelwa ababhali bezingoma abafana noProkid ongasekho, u-A-Reece, uRouge noJ. Cole waseMelika, uSA Rifa uxoxa izindaba, ipolitiki kanye nokugubha impilo emculweni wakhe.

Njengoba engumuntu ophansi nothulayo futhi  “othanda ukuzihlalela yedwa”, uSA Rifa uthe uzoqhubeka nokusebenzisa umculo we-hip-hop njengendlela yokukhipha izwi lakhe elingaphakathi.

“Ithemba lami ukudonsa amehlo abalaleli ngomculo wami futhi ngiyethemba ukuthi wonke umuntu kukhona azokuzuza kuwo,” kusho uSA Rifa etshela i-Scrolla.Africa.

Uqhube wathi kumanje umatasa nomculo omusha njengoba ehlela ukukhipha enye ingoma ekuqaleni konyaka ozayo.

Umthombo wesithombe nevidiyo: Ukhishiwe

Izihloko zakamuva