Umculi osafufusa ubesezosayinwa

Sizwe Sibiya

Ngaphambi nje kokuba lo mculi osemncane waseThekwini athole isivumelwano sakhe sokuqala somculo, wagwazwa ngesihluku amanxeba angama-21.

ULindokuhle ‘Lindo’ Cele ubesebhusha e-Mlazi ngenkathi umhlaseli emgenca ngommese, wawushiya unamathele esweni lakhe.

ULindo wayeyisishoshovu samalungelo wabathandana nobulili obufanayo kanti umndeni wakhe uthi usakhungathekile ubuza ukuthi ngabe waba yisisulu sobugebengu benzondo na. Izinhlangano ze-LGBQTI zikholelwa ukuthi lokukubulala isenzo senzondo – nokungesinye sezehlakalo zokuhlasela ezinhlanu ezisanda ukwenzeka KwaZulu-Natali.

Ukuhlaselwa kwenzeka ngoNhlolanja, kanti icala elibhekene nomsolwa oneminyaka engu-30 lahlehliselwa umhlaka-29 kuMfumfu.

Umamncane wakhe uNombuso Cele utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi lo mmese ububambeke esweni lakhe amahora amane ngesikhathi elwela impilo yakhe. Futhi wawusekhona ngenkathi umndeni uya emakhazeni ukuyogeza isidumbu sakhe.

“Kwase kuphele izinsuku ezine. Kodwa ummese ubusasekhona esweni lakhe,” uyakhumbula.

“Sithole amanxeba angama-21 okugwazwa. Umbulali ubefuna afe. Bekunenzondo enkulu ngendlela agwazwa ngayo. ”

Uthi yize ayengadumile kangako endimeni yomculo, uLindo wayeseqala ukubhukhwa emaphethelweni futhi ubesezosayinwa inkampani yokuqopha.

“Umculo wakhe ubumnandi.

“Wayethola izimemo zokucula ezindaweni ezinkulu. Kodwa wayephansi futhi enothando,” uyengeza.

USazi Jali, ongumsunguli we-TransHope Organisation, uthe kube nezinye izigameko ezifanayo, ezisanda kwenzeka zokuhlaselwa kwabantu abathanda ubulili obubodwa eMlazi, eNtuzuma, naseShowe enyakatho yeTheku.

Izihloko zakamuva