Umculi okhubazekile ukhuthaza abanye ngomculo wakhe

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

U-Andile Stemela waba isisulu samaqembu ezigelekeqe ezazidubulana e-Crossroads ngo-2004 kodwa ukukhubazeka akuthola ngemuva kwalesi sigameko akuzange kulibulale uthando lwalo mculi (40) lokucula.

Usanda kukhipha ingoma entsha ethi-“Angifuni Angatsho”. Njengamanje lena ingoma eshisa izikhotha kunazo zonke eKapa.

Lo mculi ohamba ngesihlalo esinamasondo usehambe ibanga elide kusukela ngalolo suku oluyinhlekelele olwenzeka eminyakeni engu-19 edlule.

“Amaqembu ezigebengu ayedubulana wodwa,” kukhumbula uStemela. “Ngokudabukisayo enye yezinhlamvu yashaya umgogodla wami.

“Ngangihlezi ngisendlini futhi ngingakwazi ukwamukela ukuthi ngizosebenzisa isihlalo esinamasondo impilo yami yonke,” kusho isakhamuzi sase-Crossroads sitshela i-Scrolla.Africa.

Kodwa-ke, uthando lwakhe lokucula lwamvimbela ukuthi azidabukele.

UStemela usekhiqize ama-albhamu amane selokhu adutshulwa — i-kwaito kanye nama-piano izitayela zakhe.

Ucula ngempilo nangesipiliyoni saselokishini, abuye acule nangezikhathi ezimnandi. Indlela abantu abawuthanda ngayo umculo wakhe ibe nkulu kangangokuthi useke wajikeleza elakuleli lonke ecula. UStemela uthi uphila iphupho lakhe.

Kodwa kwakungelula ekuqaleni. “Ngangidelelekile; akekho owayefuna ukusebenza nomuntu ohamba ngesihlalo esinamasondo.

“Ngibonga abagqugquzeli ababona ithalente lami hhayi ukukhubazeka kwami; kungenzeka ukuthi abalazi iqhaza abalibambayo ekuletheni ithemba kubantu abebecabanga ukuthi ngeke bakwazi ukwenza lutho ngoba bekhubazekile,”  kwengeza uStemela.

Ukhuthaza abantu abakhubazekile ukuthi basebenzise ithalente nekhono labo ukwenza ngcono izimpilo zabo.

UStemela ubonge kakhulu uSello Mangwana onguzakwabo emculweni: “Wabona ikhono lami nangemuva kokuthi ngidutshulwe.

UMangwana uyaqinisekisa ukuthi bayaya emicimbini futhi bayamsiza ngokungena esiteji.

“Kudinga isibindi esikhulu ukwenza lokhu akwenzayo. Akaphoqwanga kodwa ubelokhu engisiza. Abakhubazekile bangaya kude uma bengathola umuntu ofana naye njengozakwabo.”

Esithombeni esingenhla: U-Andile Stemela nozakwabo uSello Mangwana esitudiyo

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva