Umculi odumile ubalisa ngokuba isigqila socansi

Isihlabani somculo we-rap uCassper Nyovest usephumele obala ngemfihlo yakhe yokuba isigqila socansi nokucishe kwaqeda ngempilo yakhe.

Lo mculi wengoma eyashisa izikhotha ethi Tito Mboweni, ocwiliswe emanzini angcwele ekuqaleni konyaka ukuze abhabhadiswe, uvumile ukuthi ukuthanda kwakhe ucansi kwakumholela esihogweni ngaphambi kokuba aphendukele kuNkulunkulu.

Evula isifuba sakhe, uCassper uxoxe ngenkinga yakhe yokuthanda ucansi nokuthi imhlukumeze kanjani impilo yakhe nomama wengane yakhe, uThobeka Majozi.

Laba ababili osekuphele iminyaka embalwa bethandana, abakwazanga ukumelana nobunzima bukaCassper bokuthanda ucansi.

“Ngazwisa ubuhlungu umama womntanami saze sahlukana.” UCassper utshele iZimoja kanje. 

“UNkulunkulu ubengikhombisa ukuthi ngicekela phansi impilo yami ngokuzenza isigqila socansi. Uba nenkinga nabantu besifazane ngoba ubona into eyodwa nje. Bengiyisigqila socansi futhi bese  ngiziphatha ngendlela engeyinhle.”

UCassper, ogama lakhe langempela uRefilwe Phoolo ubonga uNkulunkulu ngokumkhipha emgodini emnyama.

Lo mrepha odume ngezingoma zakhe ezishisa izikhotha uthe wabona ukuthi uhamba indlela eyingozi.

“UNkulunkulu ubengikhombisa ukuthi ngiyazibulala,” usho kanje.

“Ngangicabanga ukuthi ngingcono kunabo bonke abantu.”

“Wonke umuntu kufanele azitholele insindiso yakhe,” etshela iSunday World. “Kwadingeka ngimazi ngokwami ​​uNkulunkulu. Kwadingeka ngixhumane naye, okwakunzima kakhulu. Impumelelo yami njengamanje ukuthobeka nokukwazi ukulalela uNkulunkulu.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni esingenhla: UCassper Nyovest.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva