Umculi odumile obeculela aMahotella Queens uNobesuthu Mbadu ushonele esibhedlela

Doreen Mokgolo

Imboni yezikaqedisizungu imbozwe yifu elimnyama ngokushona kukaNobesuthu Mbadu, umculi obedumile futhi eyilungu leMahotella Queens.

Ushonele esibhedlela i-Thelle Mogoerane eneminyaka engama-76 ngenxa yokungasebenzi kwezinso ngoLwesibili.

Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni ziqinisekiswe ngumndeni wakhe.

Uyeke ukusebenza ngowezi-2017 ngenxa yempilo yakhe ebintengantenga, eqeda amashumi eminyaka eyilungu leqembu alijoyina ngowe-1964, ngemuva kokutholwa ngumhloli wamakhono uMax Gcaba. Wayeneminyaka eyi-19 ngaleso sikhathi.

Okhulumela umndeni uVanessa Tloubatla uthe umndeni uphatheke kabi ngokudlula kwakhe emhlabeni.

“Siyacela ukuthi nibanikeze ithuba nesikhathi sokuzilela lo mculi ngokuthula nangenhlonipho,” esho.

Ilungu lokuqala leqembu lombaqanga uHilda Tloubatla uthe uphatheke kabi ngezindaba zokudlula kwelinye ilungu.

“Yimina ngedwa osele kumalungu asungula iMahotella Queens. Badlule bonke emhlabeni, bangishiya ngedwa,” esho.

UTloubatla uchaze uMbadu njengomuntu owayekwazi ukulingisa esiteji futhi engumqambi womculo.

“Besifana nomndeni futhi sasinakekelana, ikakhulukazi uma sihamba siyocula phesheya,” esho.

“Sasigqugquzelana futhi selulekana kuzo zonke izinselelo esasibhekana nazo njengabantu abadala abanamaphupho amakhulu futhi lokho sasikwenza ngisho eminyakeni yethu yobudala”.

Izihloko zakamuva