Umculi odumile nochungechunge lokuhamba amazwe

Umculi waseNingizimu Afrika uTyla umemezele uhambo lokuvakashela amazwe ngo-2024 oluhambisana nokukhishwa kwe-albhamu yakhe yokuqala elindelwe ngabomvu.

Lesi simemezelo esenziwe ngoLwesine senze abalandeli bakhe emhlabeni wonke bachichima injabulo.

Njengoba ezoqala e-Europe ngoNdasa ngonyaka ka-2024, ukuvakasha kukaTyla kuthembisa ukuthi kuzoba umbukiso kazwelonke, kanti uzohamba yonke i-North America ngoNhlaba.

“I-albhamu izophuma maduze kanti ngiza edolobheni lakho!” ebhala ekhasini lakhe ezinkundleni zokuxhumana.

UTyla odume ngengoma yakhe yokuqala ethi Water okuyingoma yamapiano ethathe abantu abaningi ku-TikTok, kanti yenze umculo wakhe waba phezulu emashadi omculo emhlabeni jikelele.

Njengoba ethandwa kakhulu emazweni afana ne-New Zealand, i-UK, nakuleli, aphinde abe kwinombolo yeshumi ku-US Billboard Hot 100 udumo lukaTyla lukhula ngamandla.

Ukuduma kwengoma emashadini omculo kuphinde kwanyuswa i-remix efaka uTravis Scott.

Engxoxweni yakamuva ye-Apple Music noZane Lowe, uTyla wabelane ngenjabulo yakhe ngokusebenzisana nabaculi abaphezulu kulo mkhakha.

“Ngiyakuthanda ukusebenza nabantu abasha. Njengamanje sengiqala ukusebenza nabantu abaphezulu ebengibabuka impilo yami yonke.”

Abalandeli bagcwele injabulo ngezinsuku zohambo lwakhe, ezindawo azozihambela zihlanganisa amadolobheni afana ne-Oslo, i-Stockholm, i-Copenhagen, i-Berlin, i-Paris, ne-London ngaphambi kokubhekisa amabombo ezindaweni saze-North America e-San Francisco, ise-Seattle, ise-Houston, ise-Miami Beach kanye nezinye.

Okwengeziwe ezindabeni zokuvakasha, ukuvela kukaTyla kwakamuva kwi-COLORS ecula ingoma ethi “On and On” nakho sekuphinde kwanyusa izinga lakhe lodumo.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: UTyla.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva