Isihlabani somculo we-pop sase-Canada uCeline Dion udalule kwividiyo ukuthi unesifo esingavamile semizwa esaziwa nge-stiff-person esithikameza indlela acula ngayo.
Lo mculi umemezele ukuthi kuzofanele ahlehlise uhambo lwakhe lokuyonandisa eYurophu.
Kwividiyo yemizuzu emihlanu ekhuluma ngesiFulentshi nangesiNgisi abelane ngayo ekhasini lakhe laku-Instagram, uDion uzwakalise ukuthi ubenezinkinga zokugula noma zezempilo isikhathi eside.
“Ngithole ukuthi nginesifo semizwa esingavamile esibizwa ngokuthi i-stiff-person esiphatha cishe umuntu oyedwa kwabayisigidi,” kusho lo mculi wase-Canada.
Uthe lesi sifo besilokhu sidala izinkinga ezithinta impilo yakhe yansuku zonke. Kwesinye isikhathi kuba nzima uma ehamba futhi kubanzima ukuthi acule ngendlela abecula ngayo.
“Kubuhlungu kimi ukunitshela namuhla ukuthi lokhu kusho ukuthi ngeke ngikulungele ukuqala uhambo lwami lokuya eYurophu ngoNhlolanja.”
UDion (54), uthe ukujabulele kakhulu ukwesekwa akuthola ezinganeni zakhe nasethimbeni lodokotela abasebenza nsuku zonke ukudambisa isimo sakhe.
Kodwa wengeza ngokuthi kumele avume ukuthi into enzima lena abhekene nayo nokuthi “bekunzima.”
Lesi sifo siyahlukahluka njengoba ngesinye isikhathi singabiyingozi kanti kwesinye isikhathi siba ingozi kakhulu. UDkt Richard Nowak we-Yale School of Medicine utshele i-NBC ukuthi i-stiff-person isifo esiphazamisa izindlela ezivamile zokuxhumana phakathi kobuchopho nemisipha.
Uthi kwesinye isikhathi lesi sifo siphula amathambo. Lesi sifo singadambiswa kodwa aselapheki.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe ngenhla: UCeline Dion
Umthombo wesithombe: @CelineDion