Lubhalwe nguLinda Ximba
I-albhamu kaSjava ebibhekwe ngabomvu ethi Isibuko yamukelwe ngenhlokomo abathandi bomculo wakhe.
Njengoba lo mrepha nomlingisi ejabulela ukuthandwa kwakhe, ugxile kakhulu ekunakekeleni umndeni wakhe.
“Okwamanje into engigxile kuyo isekuqongeleleni imali yokwakha indlu enhle kamama endaweni yasemakhaya,” etshela i-Scrolla.Africa.
“Ngemuva kwalokho ngizobeka imali ukuze ngiqunge isibindi sokungena emshadweni futhi ngethemba lokuthi ngizomthola ofanele.”
USjava ususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngoLwesihlanu olwedlule ngesikhathi ekhipha albhamu yakhe ngemuva kweminyaka emihlanu agcina ukukhipha.
Le albhamu enezingoma ezingu-18 iveza uhlangothi olujulile lomculi ozalwa uJabulani Hadebe, wase-Bergville KwaZulu-Natal.
Kule albhamu kukhona u-Emtee, uSaudi, abaculi bakamaskandi uShwi, uMzukulu noDumakahle kanye no-Anzo ophuma enkampanini yakhe yokuqopha ethi-1020.
USjava uthe into agxile kuyo ukwakhela unina umuzi hhayi ukuthi ashade.
Ekhuluma ngendlela abantu abebembuza ngayo ukuthi uzokhipha nini i-albhamu entsha, uSjava ohlale enesizotha uthe kwakumangalisa futhi kukhombisa ukuthi abalandeli bebewulangazelela umsebenzi wakhe.
“Ngibonga wonke umuntu ongeseke kule minyaka eyisishiyagalombili edlule. Ngibheke ngabomvu ukuthi siqhubeke nohambo lomculo ndawonye esikhathini esizayo.”
Isihloko se-albhamu sisuselwe egameni elithi “Mirror” okuyinto efanelekile njengoba uSjava ethe ikhombisa uhambo lwakhe lwakamuva.
“Eqinisweni ikhuluma ngezinto engidlule kuzo kanye nokukhula kwami njengomuntu nanjengomculi. Ngesikhathi ngipheka i-albhamu ngichithe amasonto amabili ngakithi ngizama ukukhumbula okwenzeka empilweni yami ngikhula,” kusho yena.
“Ngafaka izicelo zomdidiyeli wami wesikhathi eside nozakwethu uRuff ngenkathi i-Delayed, ne-Webmoms kanye noVuyo Manyike becabanga umnyombo wephrojekthi futhi baqopha umculo wokuqala namaphimbo e-albhamu.”
Izingoma ezithi “Thixo”, “Amakhehla”, “Akabuye”, “Ithuna”, “Amaphiko” nethi “My Life” bezikhona emsakazweni kusukela kwethulwa i-albhamu.
Isithombe esingenhla: USjava
Umthombo wesithombe: Twitter