Umculi ne-albhamu entsha

Sizwe Sibiya

Umculi waphesheya uBeyonce usememezele ukukhishwa kwe-albhamu yakhe yesikhombisa okuyiphrojekthi yakhe yokuqala selokhu agcina kwi-LP yakhe yodumo yangonyaka ka-2016 i-Lemonade.

Lo mculi odumile ukwazi ukushukumisa umhlaba wonke ezinkundleni zokuxhumana uma ekhiphe i-albhamu. 

Isihlabani somculo uBeyonce Knowles udale isivunguvungu nezinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi esusa izithombe zakhe zonke ekuqaleni kukaNhlangulana. Abalandeli bakhe abaziwa nge-Beyhive baqagele ngokuthi kungenzeka ukuthi lo mculi ulungiselela ukukhipha i-albhamu yakhe entsha.

Ngomhlaka-15 kuNhlangulana uTidal uqinisekise lezi zindaba zokhishwa kwe-albhamu ngokusemthethweni wakhipha usuku kanye negama le-albhamu ezayo kaBeyonce yesikhombisa.

Bekubhalwe ukuthi “i-albhamu kaBeyoncé ebizwa ngokuthi I-Renaissance izophuma ngomhlaka-29 kuNtulikazi,” umbhalo obekufakwe ku-Twitter.

Kungaleso sikhathi lapho uBeyonce eqinisekisa lezi zindaba nge-Instagram bio yakhe.

Indlela enze ngayo imsebenzele kakhulu nge-albhamu yakhe, kangangokuthi ezinsukwini ezimbalwa uBeyonce ushintshe yonke i-bio yakhe ezinkundleni zokuxhumana wafaka ingoma i-Break My Soul midnight ET” engeyokuqala ephume kwi-albhamu yakhe ngoMsombuluko ngomhlaka-20 kuNhlangulana.

Okusho ukuthi ingoma eyodwa ikhishwe ngehora lokuqala ngoLwesibili ngomhlaka 21 kuNhlangulana. 

Scrolla World Cup Quiz