Umculi ne-albhamu entsha eshisa bhe

Sizwe Sibiya

Umrepha wasePitoli uThe Big Hash umemezele ukuthi uzokhipha i-albhamu yakhe entsha esihloko sithi-Better Late Than Never ngoMfumfu kulo nyaka.

Umrepha osemusha udonse amehlo abantu nge-albhamu yakhe yesibili yango-2019 esihloko esithi-Young. Ingoma eshisa izikhotha yale-albhamu ethi-“Palm Trees” ayicula ngokuhlanganyela noTshego ikhombisile ukuthi uBig Hash uza kabi.

Njengoba uBig Zulu, u-A-Reece, uCassper Nyovest noBlxckie njengamanje bebambe umculo we-hip hop, i-albhamu ethi-Better Late Than Never kuzodingeka ukuthi ishaye ngamandla ukuze lo mrepha ahehe abantu njengoba sibheke emaholidini kaKhisimusi.

“Angisiye umuntu ogxila kubantu abathile. Le albhamu entsha ngeyawo wonke umuntu,” kusho uThe Big Hash, ememezela i-albhamu esanda kukhishwa ngoLwesihlanu ngomhlaka-19 kuNcwaba ekhasini lakhe laku-Instagram.

Ngomhlaka-19 kuLwezi ngonyaka odlule wakhipha i-albhamu yakhe yesithathu enesihloko esithi-Aries: A Precursor To Heartbreak Hotel. Lena iphinde yaba nezingoma ezimnandi ezifana nethi-“Count My Blessings” ayicula ngokuhlanganyela noFlvme, ethi-“The Trip” ayicula ngokuhlanganyela noRowlene kanye nenye eshisa izikhotha ekule-albhamu ethi-“Heavy Is The Crown” ayicula ngokuhlanganyela noBlxckie kanye noYoungstaCPT.

Umthombo wesithombe: I-Big Hash

Izihloko zakamuva