Umcimbi wokutotosa abafelokazi

Lubhalwe ngu-Emily Mgidi

Usomabhizinisi wesifazane ophumelele ophinde abe umnikazi we-Mangako Beauty & Health Spa uCharity Tshuma usanda kuhlela umhlangano wokutotoswa kwabafelokazi eGoli.

UTshuma uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi abafelokazi bavame ukuzizwa beshiywe dengwane futhi benganakiwe emiphakathini ikakhulukazi ngemuva komngcwabo lapho okuphela ukwesekwa ngamalungu omndeni.

Lo mcimbi obuse-Mangako Beauty Academy ngeSonto bekuhloswe ngawo ukukhombisa abafelokazi ukuthi ababodwa nokubavumela ukuthi babelane ngezingqinamba zabo nokuthi bathole izixazululo ndawonye.

UTshuma ugcizelele ukuqakatheka kokuthuthukisa abafelokazi abasala bekhulisa izingane bodwa ngaphandle kosizo.

Phakathi kwabafelokazi abangu-40 ababekhona munye kuphela owakwazi ukuqhubeka nempilo ngemuva kokushonelwa umyeni wakhe. UTshuma ukhuthaze abanye ukuthi bathole amandla baqale kabusha izimpilo zabo.

Lo mcimbi unikeze abafelokazi ithuba elingokomzwelo lokuxoxa ngezinselele zabo, bathole ukubhucungwa, bajabulele ukudla kwasemini nokuthi bathole amazwi akhuthazayo.

UTshuma uthi lokhu bekunzima futhi bekuthokozisa ukulalela izindaba zabesifazana nokuthi uzibonele ukubonga kwabo ngethuba lokuvula isifuba ngenhlupheko yabo.

UTshuma uhlela ukwenza umhlangano wokutotoswa ube umcimbi waminyaka yonke. Ngaphezu komsebenzi wakhe nabafelokazi usebenzisa isikole sakhe ukuhlinzeka ngokuhlunyeleliswa kanye namathuba amantombazane avela ezizindeni ezinezinkinga ngokuwanikeza ithuba lokuqala kabusha.

Omunye umfelokazi uPure Malatjie wabelane ngesipiliyoni sakhe sokukhulisa izingane ezinhlanu eyedwa ngemuva kokushona kukamyeni wakhe eminyakeni emine edlule.

Uzwakalise ukubonga ngokusekelwa nokuxhumana akuzwile phakathi neseshini njengoba kumnikeze umuzwa wokukhululeka.

Omunye umfelokazi uPrudence Mokone uxoxa ngodaba lwakhe lokulahlekelwa umyeni wakhe eminyakeni emibili edlule nokuthi wacishe waphucwa ilungelo lokuhlala nezingane zakhe.

Wabhekana nokucindezeleka okukhulu ngesikhathi sombango wezingane kodwa usethole umsebenzi futhi impilo isilula. UMokone uzwakalise ukubonga ngesinyathelo sikaTshuma kanye nokuhlonishwa kwabafelokazi.

Esithombeni esingenhla: Isikhathi sokutotoswa

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva