Celani Sikhakhane
Ukuvakasha kwekhansela le-African National Congress eThekwini kowayenguMengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, kuphenduke umcimbi wokukhankasela ukuthi uMengameli uCyril Ramaphosa ehle esikhundleni.
NgoLwesine amakhansela e-ANC eThekwini, eholwa yilabo abangaphansi kwe-radical economic transformation (i-RET), baye emzini kaZuma kwaDakadunuse eNkandla beyobonga ngeqhaza alibambile ekusindiseni leli qembu kuMasipala ngesikhathi sokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi.
Iqembu elibusayo belibhekene nenkinga yokulahlekelwa uMasipala okuwukuphela kwawo abanawo KwaZulu-Natali.
UZuma unikwe izipho okubalwa kuzo nenkomo.
Kodwa lolu hambo lusheshe lwaphendukela uMengameli weqembu kanye nezwe.
Amanye amakhansela abememeza futhi ethuka igama likaRamaphosa.
UVikelwa Masebenza wesigceme sama-71 eThekwini, ubememeza kakhulu ethi uRamaphosa akashenxe esikhundleni.
Uthe uRamaphosa uhlulekile futhi “amagatsha azothatha isinqumo maduze ngaye.”
“URamaphosa kumele ehle esikhundleni asisamfuni, ulethe izinkinga eziningi kakhulu kuleli zwe. Akafani noNxamalala owakwazi ukusivikela ku-swine flu ne-Ebola, uRamaphosa kumele ehle esikhundleni,” kusho uMasebenza obememeza ngenkathi eshayela i-Mercedes Benz V Class emhlophe.
Okhulumela iSifundazwe uMnu Nhlakanipho Ntombela uchaze i-ANC njengobuxhwanguxhwangu obenziwa izidakwa.
“Amakhansela e-ANC awayi ezindaweni athi akehle uMengameli, ayazazi izinhlaka zawo akuzo futhi akuqonda kahle ukuthi uma enezinkinga kumele aziveze ngamagatsha nezifunda, hhayi izindawo zasendle,” kusho uNhlakanipho.
UMnu Mzwanele Manyi weJacob Zuma Foundation uthe amakhansela aseThekwini ebeye laphayana ukuyobonga uZuma.
Kukholakala ukuthi iqhinga lokuvimba i-ANC ekutheni ilahlekelwe iTheku emaqenjini aphikisayo liqhamuke kuZuma, uDkt Zweli Mkhize kanye no-Ace Magashule.
Kubikwa ukuthi uZuma ubize umngani wakhe omkhulu, uPhilani PG Mavundla ukuba ayovota ne-ANC wahlanganisa namanye amaqembu amancane eThekwini ukuthi asize i-ANC ukulwa neqembu eliphikisayo elinamandla.