Umcimbi kaPuki wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa wenziwe ngemuva kwenyanga eyodwa eshonile

Kabelo Tlhabanelo

USphelele Khuselo ushone kusasele inyanga ngaphambi kokugubha usuku lwakhe lokuzalwa okwesithathu, kodwa abazali bakhe banquma ukumenzela umcimbi wokugubha usuku lwakhe lokuzalwa – ukuze bamhloniphe. Kodwa banqume ukushintsha indawo abazogubhela kuyo.

NgoLwesibili, izithandani zase-Phahameng e-Mangaung, e-Free State, zithathe abangani ababili bakaSphelele nogogo wakhe balibangisa etsheni lakhe emathuneni ase-South Park.

Abazali bakhulume naye sengathi usaphila. Bamtshela ukuthi balethe abangani emcimbini.

Umama wakhe uDinah utshele i-Scroll.Africa ukuthi umfana abebemteketisa ngelikaPuki bekuwukuphela kwendodana yabo futhi umama wakhe ubelokhu ekhala zonke izinsuku selokhu ashona.

“Kodwa besijabule ethuneni likaPuki. Simculele iculo lokuzalwa futhi sikhulule amabhaluni esibhakabhakeni. Amanye amabhaluni aqhumile futhi ngikholwa ukuthi kube yimpendulo yakhe ukukhombisa ukuthi uyakwamukela esimenzele khona,” kusho uDinah.

“Sizoqhubeka sikwenze minyaka yonke ngosuku lwakhe lokuzalwa ngoba uzohlezi esezinhliziyweni zethu. Selokhu ashona, ekugcineni ngizolala ngokuthula”.

Ubaba wakhe uNcami Khuselo uthe wezwa ubuhlungu obukhulu ngesikhathi eshona ngemuva kokugula isikhashana.

Ngemuva kokudla ikhekhe lokuzalwa nomndeni nabangani, ikhekhe elisele kanye nemoto yokudlala kusale ethuneni likaPuki.

Izihloko zakamuva