Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
IMpucuzeko Maskandi Festival, ebingoMgqibelo ePeople’s Park, eThekwini, futhi ibihlanganise abaholi baHulumeni woBumbano (GNU) KwaZulu-Natal.
Ifestivali ihehe izinkulungwane zabalandeli bomculo wesintu futhi bekuyinkundla yabaholi bezepolitiki ukukhombisa ubunye babo.
Phakathi kwabathokozele lo mcimbi kubalwa abaholi be-DA abebevunule, iPhini likaSomlomo eSishayamthetho eKZN uMmabatho Tembe, nekhansela leTheku uWelekazi Sibiya.
???Abanye abebemele i-ANC kubalwa uNtwenhle Mkhize kanye neMeya yeTheku uMnuz Cyril Xaba oqhulule amahlaya ekhumbula ukubuya ekhaya ngemuva kokukhishwa esikhundleni sokuba nguNgqongqoshe wezoLimo ngo-2016, okwamangaza ‘izinja’ zakhe.
IPhini likaMengameli we-IFP Inkosi uMzamo Buthelezi ehambisana noNgqongqoshe wezoLimo uNkk Thembeni KaMadlopha-Mthethwa nabo bebekhona.
UKaMadlopha-Mthethwa ugcizelele ukuzinikela kwabo ekuletheni izidingo kubantu.
Obekubalulekile kulo mcimbi bekungesikhathi umculi kaMaskandi u-Ali Mgube ethwesa umculi okhubazekile uMayogathi isicoco sokuba yinkosi entsha kaMaskandi okuyisihloko esisuse imibango phambilini.
Esithombeni esingenhla: Umculi kaMaskandi Okhubazekile uMayogathi uthweswe isicoco seNkosi yoMaskandi esingundabuzekwayo ngumculi u-Ali Mgube phambi kwezinkulungwane zabalandeli ePeople’s Park eThekwini.
Umthombo: King Zoso/uMasipala weTheku