UMchunu uthi amaphoyisa ehluleka ukuphendula ngesikhahi ebuza ukuthi abantu bezidakamizwa ababoshwa ngani

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNgqongqoshe wamaPhoyisa osahlabe ikhefu uMnuz Senzo Mchunu uthi wamangala esolwa ngokuthi usebenzisana nabashushumbisi bezidakamizwa ekubeni kunguye owabuza kuqala ukuthi ababoshwa ngani.

UMchunu ukusho lokhu exoxela abefundisi bamabandla ehlukene abebezomenzela umkhuleko wokumqimisa idolo njengoba ezobuyela kwiKhomishana kaMadlanga.

Uthe wakusho lokhu ngoNhlangulana ngesikhathi enomhlangano wokhomishana bamaphoyisa bezifundazwe ezahlukene.

“Ngazengababuza ukuthi yini ngempela ningababophi laba bantu ngoba nakhu niphethe umqulu onamagama abo nezibongo zabo. Akekho noyedwa owangiphendula. Kunalokho bavele babhekisa amakhanda phansi. Kuthe ngomhlaka-6 kuNtulikazi ngabona sekuthiwa yimi osenzisana nalaba bantu bezidakamizwa futhi nalapho abasabalwa laba engalethelwa uhla lwabo,” usho kanje.

UNkosikazi kaMchunu ,uNkk Thembeka Mchunu uthe lento yabalimaza kakhulu emoyeni ngendlela engachazeki bengumndeni.

Uthe bayabonga kakhulu ngemikhuleko ngoba iyabaqinisa emoyeni.

“Imikhuleko siphila ngayo kanti iyaselapha kakhulu kulesi simo esibhekene naso. Yenza sazizwa singabantu futhi sabona ukuthi asisodwa. Sibonga kakhulu ngalokhu abefundisi abasenzele khona,,” usho kanje.

UBishop Ziningi Jali webandla Reconciled and Christ Church uthe okwabo bekungukuba baqinise umndeni kaMchunu emoyeni .

Uthi nebhayibheli liyasho ukuthi abakhulekelwe abaholi nokuyinto abayenzayo.

“Thina asehluleli muntu kodwa kunalokho sihambisa izwi nokubuyisa ithemba siphinde siqinise abakwaMchunu idolo kulesi simo ababheke naso,” kusho uBishop Jali.

Izihloko zakamuva