UMchunu usolwa ngokuhlekisa ngeqabane ‘elilambile’

Celani Sikhakhane

UNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnu Senzo Mchunu, usesuse umsindo kwi-ANC ngemuva kokuthi aputshuze imiqhafazo yeqabane limcela imali yokudla kukaKhisimusi.

UMnu Phohloza Mlungisi Zungu, oyilungu eliqavile le-ANC oLundi, kuthiwa ucele uNgqongqoshe uMchunu ukuthi asize umndeni wakhe ngemali yokudla kukaKhisimusi.

UZungu uthembise uNgqongqoshe ukuthi uma engenza lokhu uzothola ukwesekwa esifundeni saseMzala Nxumalo ngaphambi kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.

I-Scrolla.Africa siwubonile umqhafazo oputshuzwe eqenjini le-WhatsApp elithi “ANC Comrade in Arms”.

Izithombe ezifushane zengxoxo zifakwe umuntu ozibiza “ngoMedia and Politics” ku-WhatsApp. Amanye amalungu e-ANC akholelwa ekutheni uMchunu oputshuze lo mqhafazo kulo muntu.

Ngesikhathi “uMedia and Politics” ethumela izithombe eziqukethe lo mqhafazo, uthe akukhona okokuqala uZungu ecela imali kubaholi be-ANC abagaqele izikhundla ezingqungqutheleni ezizayo zezifundazwe.

Basola ukuthi uZungu uke wenza okufanayo kuNgqongqoshe uNomsa Dube Ncube, uZandile Gumede kanye noNomagugu Simelane. UZungu uyaziphika lezi zinsolo.

Kodwa lo mqhafazo oputshukile awehlanga kahle kwamanye amalungu e-ANC asole uMchunu ngokuba budedengu nokwenza inhlekisa ngosizi lwamanye amaqabane.

“Abaholi bethu abalungile. Beza kithi bezocela usizo lokuhlanganisa amagatsha kodwa uma sebephezulu basibukela phansi,” kusho elinye ilungu le-ANC.

“Yini engalungile uma iqabane licela imali yokudla? Ngicabanga ukuthi sisenkingeni nezinkakhaenkulu yokuba nabaholi abafana ezifana noMchunu.”

UMchunu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akakaze aputshuzele muntu lo mqhafazo, uthe akazi nokuthi uZungu ungubani.

“Okokuqala angikaze ngikhulume namuntu okuthiwa uZungu, okwesibili angiyiputshuzi imiqhafazo nganoma iyiphi indlela. Angazi ngempela ukuthi lowo mqhafazo uqhamuka kuphi,” esho.

UZungu utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akafuni ukukhuluma kabanzi ngalolu daba ngoba kuwumkhankaso wokumnyundela.

“Ngagcina ukukhuluma noMchunu eminyakeni emine edlule. Ngangimvakashele wangiphakela inyama emnandi,” kusho uZungu.

Uthe akakaze acele imali kuSimelane, uNcube noma uGumede.

“Odabeni lukaNkk Dube Ncube ngike ngamshayela ucingo ngicela umhlangano mayelana nomkhankaso wakhe wokuba uSihlalo we-ANC esifundazweni kodwa akaze ahlangane nathi. Sizamile ukuza kuyena eThekwini kodwa akazange afike kithi,” esho.

Izihloko zakamuva