UMchunu namaphoyisa bahlangane nomphakathi ocikwe ukudlonga kobugebengu

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Izinhlangano zomphakathi zaseNelson Mandela Bay zicela uMengameli uCyril Ramaphosa ukuthi amemezele ubugebengu kuleli dolobha njengenhlekelele yezwe.

Bafuna umengameli athumele i-SANDF kulandela ukwanda kwezigameko zokuthunjwa kwabantu – njengoba isigameko sakamuva senzeke ngoLwesihlanu.

UNgqongqoshe musha Wamaphoyisa 

Umnuz Senzo Mchunu, onguNgqongqoshe omusha wamaPhoyisa, uhlangane neMeya uGary van Niekerk kanye nezikhulu eziphezulu zamaphoyisa ngeSonto ukuze babhunge ngalesi simo.

Ekhuluma nezakhamizi ebezikhathazekile ngemuva komhlangano wangasese, uMchunu uthe kusadingidwa ukusebenzisa umbutho wamasosha wakuleli. 

“Asifuni ukwabelana ngemininingwane eminingi, kodwa kuyacaca ukuthi umsebenzi wethu wukwehlisa izinga lobugebengu,” usho kanje. 

UKhomishana wamaphoyisa kuzwelonke, uJenene Fannie Masemola, ubalule ukuthi i-Eastern Cape inezigameko eziningi zokuthunjwa kwabantu. 

“Sinamaqembu azobhekana nokuthunjwa kwabantu,” usho kanje, enezezela ngokuthi bahlela ukuqinisa ithimba elizobhekana nobudlova bamaqembu ezigelekeqe, izidakamizwa kanye nokuphanga.

Uhambo lukangqongqoshe lwenzeka ngemuva kwezinsuku ezimbalwa kuthunjwe usomabhizinisi odumile wase-Gqeberha, abathumbi becela u-R10-million ukuze akhululwe. 

IPhini likamengameli weNMB Business Chamber kanye nomqondisi we-Auto X, uKelvin Naidoo (51), uthathwe ngoLwesihlanu ekuseni ngaphandle kwebhizinisi lakhe e-Korsten.

Amaphoyisa athi lokhu kuthumba kwenzeke ngemuva kwehora lesithupha ekuseni ngoLwesihlanu, ngesikhathi i-Nissan NP200 emhlophe ishayisa imoto kaNaidoo, yamphoqa ukuba ame. 

Kube sekuqhamuka enye iveni, kwathi abantu abahlanu abebehlomile abebegqoke ama-balaclava bahudula uNaidoo bemkhipha emotweni yakhe yohlobo lwe-Mercedes-Benz emnyama bamphushela evenini yabo ngaphambi kokuba ihambe naye. 

Imoto yohlobo lwe-Nissan nekaNaidoo bezishiywe endaweni yesigameko. Kamuva kwatholakala ukuthi i–Nissan NP200 yayidunwe e-Motherwell ngoNhlangulana.

Okhulumela oKlebe esifundazweni, uKaputeni Yolisa Mgolodela, ukuqinisekisile ukuthi isicelo semali abathumbi sesifikile. 

Sekuthunjwe okungenani osomabhizinisi abayisishiyagalolunye kusukela ngoMasingana eNelson Mandela Bay.

Esithombeni ngenhla: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu ekhuluma nezakhamizi ezikhathazekile e-Gqeberha ngeSonto.

Umthombo: SAPS

Izihloko zakamuva