UMcCarthy usenkingeni njengoba AmaZulu ehluleka ukunqoba imidlalo

Menzi Magubane

Usuthu selubizwa ngamakhosi ngokudlala ngokulingana emidlalweni eyi-16 ye-DStv Premiership kuze kube manje kanti ingcindezi iyakhula kuBenni McCarthy njengomqeqeshi waMaZulu.

Lokhu akukhona okwakucatshangwa uMcCarthy noSandile Zungu ongusihlalo wakhe wodumo ngesikhathi kuqala isizini. Ngemuva komkhankaso oyimpumelelo nonomlando wezi-2020/21 owenza Usuthu luqede endaweni yesibili, laba ababili bahlele ukuqhubekela phambili kule sizini baphonsele inselelo isicoco seligi.

Kodwa njengoba kunegebe lamaphuzu ayi-17 kuMamelodi Sundowns eqhwakele kuligi, akubonakali lizofezeka iphupho labo lokunqoba kule sizini.

Kodwa kwenzeke izinto ezixakile kule ligi – kanti i-Kaizer Chiefs ingakufakazela lokho ngemuva kokuthi idlule i-Sundowns ngamaphuzu ayi-13 ngesizini yowe-2019/20 nokwagcina kuphuca i-Chiefs isicoco ngosuku lokugcina.

UMcCarthy kuzomele aguqule ukudlala imidlalo ngokulingana ukuze bawine futhi maduze nje, kungenjalo angahle axoshwe ayofuna iqembu elisha.

Ukuwina kwabo kokugcina kwenzeke enyangeni edlule ngesikhathi beshaya i-Cape Town City ngamagoli amabili eqandeni mhla ziyisikhombusa kuLwezi, basuka lapho badlala ngokulingana imidlalo eyisithupha ilandelana.

Baphinde babuyela enkundleni njengoba izokwamukela i-Chippa United e-Jonsson Kings Park Stadium ngo-3.30 ntambama.

Lona wumdlalo okumele awunqobe uMcCarthy uma efuna ukuhlala emabhukwini amahle kaZungu. La maqembu agcine ukudlala ngoMgqibelo lapho umdlalo uphele khona ebambene.

Khonamanjalo, i-Chippa United ikuqinisekisile ukuthi igcine iyinqamulile inkontileka yomqeqeshi wayo uGavin Hunt. Lo mqeqeshi owake waqeqesha i-Chiefs usamisiwe ngenxa yemiphumela emibi. Umdlali wasesiswini weqembu uKurt Lentjies uqokwe njengomqeqeshi wesikhashana.

UHunt ube ngumqeqeshi wesithupha ukuxoshwa kule sizini. Abanye abaqeqeshi abaxoshiwe ngowe-Orlando Pirates (uJosef Zinnbauer), owe-Swallows (uBrandon Truter), owe-Gallants (uSebastien Migne), owe-Baroka (uMatsemela Thoka) kanye nowe-TS Galaxy (u-Owen Da Gama).

Umthombo wesithombe: @AmazuluFC

Izihloko zakamuva