Lungani Zungu noZukile Majova
Sekushiwo konke, umbuzo omkhulu walolu khetho ukuthi ngubani ozophatha idolobha laseGoli.
Uma i-ANC kuyibhedela eGoli, kungase kuveze ukuqala kokuphela kokubusa kwaleli qembu iminyaka engama-27 emadolobheni amakhulu esizwe.
Ukhetho lwaseGoli nalo kulindeleke ukuthi luveze ngokucacile ukuthi abavoti abamnyama abasezingeni eliphakathi bayalifulathela yini iqembu elibusayo.
I-ANC yasala ishaqekile ngonyaka wezi-2016 ngemuva kokuhluleka ukuthola amavoti amaningi eGoli – okokuqala ngqa selokhu kwaqala intando yeningi ngowezi-1994.
Kwakungomasipala abenezibalo ezixubene njengoba i-ANC yathola izihlalo ezi-121, i-DA yathola ezi-104, i-EFF yathola ezingama-30, i-IFP yathola ezinhlanu, i-AIC yathola ezine. I-FF-Plus, i-ACDP, i-Aljama, i-UDM, ne-Cope bathola isihlalo esisodwa umuntu ngamunye.
Kuthe kusenjalo kwahlangana i-DA ne-EFF bathatha izintambo zokuphatha idolobha, kodwa umfelandawonye awuzange uhlale.
Kulokhu i-EFF ithe ngeke ihlangane ne-DA noma i-ANC.
Owayengumholi we-DA futhi oyimeya yaseGoli uHerman Mashaba usesungule iqembu elisha i-ActionSA elifungelwe ukuphatha kahle nokuqeda inkohlakalo.
Njengoba bezizwa bekhashelwe yi-DA futhi bephikisana kakhulu nenkohlakalo egcwele uhulumeni we-ANC, akwaziwa ukuthi yiliphi iqembu emaqenjini amakhulu elingazuza inhliziyo kaMashaba.
Futhi yilapho kulele khona ithuba lokuba amaqembu amancane njenge-IFP, i-AIC ne-UDM – aqhamuke njengamakhosi.
Izihlalo kwikomidi lemeya, ezifana nesokuphatha, ukuba iphini lemeya ngisho nosomlomo, izikhundla ezinganikwa amakhosi.
UJulius Malema utshele abezindaba ukuthi unethemba lokuthi i-EFF ingathola ngisho ukunconywa ihhovisi lemeya ngokusebenzisana nohulumeni wobumbano.
“Kumele nazi ukuthi, ngemuva kwalolu khetho lohulumeni basekhaya, kuzoba nezimeya ze-EFF -ezivotelwe ngokubambisana,” kusho umholi we-EFF
Omunye umasipala ozobe ubhekwe ngabomvu kuzoba yiNelson Mandela Bay, lapho sekuneminyaka kudlondlobala ukungagculiseki kwe-ANC.
Ngaphezu kwalokho isiphithiphithi esidalwe izakhamuzi eziningi ngesikhathi i-Port Elizabeth iqanjwa kabusha ngokuthi i-Gqeberha, nomphumela ungase ube sengcupheni.
Ngonyaka wezi-2016, abavoti lapha banikeze i-DA amaphesenti angama-46,7 wamavoti uma kuqhathaniswa ne-ANC eyathola engama-40,9%.
Omasipala baKwaZulu-Natali basagcwele i-ANC kanti iqembu elibusayo kulindeleke ukuthi lidle umhlanganiso kumasipala weTheku nowaseMgungundlovu okuyisihlalo esisemthethweni sesishayamthetho sesifundazwe.
I-IFP, ingelinye lamaqembu aphikisayo aqinile esifundazweni, kanti ilahlekelwe ukwesekwa emadolobheni ngesikhathi iyiqembu elihlukene phakathi, i-NFP ithatha abanye abalandeli bayo esifundeni saseZululand.
Ikhomishana elizimele (i-IEC) lithe konke kuhamba kahle okhethweni lohulumeni basekhaya lwalo nyaka.