Everson Luhanga
Njengoba kunezinsolo zokusuka kodweshu okwesibili kulempelasonto, amaphoyisa ase-Gauteng asexwayise umphakathi ukuthi angeke bayivumele le mibhikisho engaphazamisa ukusebenza ezindaweni eziningi.
Amaphoyisa namasosha avakashele izindawo lapho khona bekujwayele ukusuka imizabalazo enesiqubulo esithi #khulula uJacob Zuma.
NgoMsombuluko kube namaphoyisa amaningi namasosha endaweni yezitolo eziyinxanxathela eMaponya nasendaweni yamatekisi ebizwa nge-Bara e-Soweto, e-Alexandra, e-Katlehong kanye nase-Tshwane.
“Umyalezo ucacile amaphoyisa angeke asivumele isimo esenzeka ngenyanga edlule, lapho abantu babezitapela ezitolo becekela phansi impahla ” kusho u-Lieutenant General u-Elias Mawela okwikhomishana yamaphoyisa esifundazwe.
Amaphoyisa abefakiwe ezindaweni eziningi kulandela ukuphuma kwemiyalezo kwizinkundla zokuxhumana yokususa udweshu “bebengazi noma izindaba zingamanga noma ngempela kukhona akade befuna ukususa imashi enesiqubulo esithi#National Shutdown”.
Uphinde waxwayisa abahlali ukuba baziphathe kahle waphinde wabatshela ukuthi angeke bayivumele le mibhikisho ezophazamisa noma icekele phansi impahla.
UMawela uthe amaphoyisa abesebenzisana nenkampani yonogada abazimele, osomatekisi, iforamu yomphakathi kanye nenhlangano yomphakathi ukuze bagweme imibhikisho ebingase isuke.
Usihlalo weforamu yomphakathi uChris Mabunda utshele i-Scrolla.Africa ukuthi abantu base-Alexandra angeke bavumele umuntu ozobabuyisela kokwenzeke ngenyanga edlule.
“Umphakathi unogqozi futhi uzimisele ukulwa nokulwisa yonke imibhikisho engasuka kuleli lokishi labo” kusho uMabunda.
Okhulumela amalungu angama-30 e-Alex uSimon Alaska Sekhitla uthe inhlangano yomphakathi izobe isebenzisana nabaphethe umthetho ukuze bafundise abantu ngobungozi bokuzibandakanya nemibhikisho engekho emthethweni.
“Sizosebenzisana neziphathimandla ukuze sigweme okwenzeka ngenyanga edlule lapho esabona khona amabhizinisi amaningi ecekelwa phansi” kusho uSekhitla.
Isikhulumi sikazwelonke sembhoni yamatekisi eyisithupha u-Emmanuel Maleka uthe osomatekisi bazosebenzisana kakhulu nabezomthetho.
“Siyaweseka umbutho wamaphoyisa sizokwenza nanoma yini ukuvikela amabhizinisi. Le mibhikisho iphazamisa amabhizinisi ethu njengoba bengekho abantu abagibelayo uma kunemibhikisho yokuzitapela ezitolo” kusho uMaleka.
UMaleka uthe imboni yamatekisi izokweseka uhulumeni iphinde igade indawo yenxanxathela yezitolo namabhizinisi.