Umbuso uyazithemba ngecala eliqinile elibhekene noMapisa-Nqakula

Lubhalwe nguZukile Majova

Icala lokukhwabanisa nenkohlakalo elibhekene nalowo owayenguSomlomo wePhalamende uNosiviwe Mapisa-Nqakula lidluliselwe eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng.

Ekuqaleni abameli abamele uMapisa-Nqakula bathi icala lombuso abekwe lona libuthaka ngakho akumele abekwe icala.

Kodwa abashushisi bombuso banesiqiniseko ukuthi banecala eliqinile, futhi ofakazi abangaphezu kuka-30 bazofakaza egameni lombuso.

UMapisa-Nqakula ubekwe amacala angu-12 okukhwabanisa nenkohlakalo ngemuva kwezinsolo zokuthi wathola imali elinganiselwa ku-R4-million ezinkampanini ezathola izinkontileka kuye ngesikhathi esenguNgqongqoshe wezokuVikela noMakadebona bezeMpi.

Kwesinye isigameko kuthiwa wafuna ukukhokhelwa imali enkampanini eyathola izinkontileka zokuvikela zika-R200-million.

Oveze iqiniso utshele abashushisi bombuso ukuthi uhambise izigidi zamarandi kuMapisa-Nqakula futhi usehambise incwadi efungelwe kumqondisi wezokushushiswa komphakathi.

UMapisa-Nqakula ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 kanti uzovela enkantolo yasePitoli ngomhlaka-16 kuMfumfu.

Abameli bombuso nabezokuvikela bazoqala ingqungquthela yokuqulwa kwecala ngalolu suku.

UMapisa-Nqakula waphoqeleka ukuthi esule esikhundleni ngemuva kokuthweswa icala emasontweni ambalwa ngaphambi kokhetho lwangomhlaka-29 kuNhlaba.

Esabela ukuthi icala abhekene nalo lizodicilela phansi isithunzi se-ANC, lowo owayenguSomlomo wePhalamende uphoqeleke ukuthi ehle esikhundleni sakhe sokuba yilungu lesigungu esiphezulu seqembu kuze kube ugeza igama lakhe.

Ngesikhathi evele enkantolo ngoLwesibili, uMapisa-Nqakula usekwe ngumyeni wakhe, uCharles Nqakula, ongumyeni wakhe owayeNgungqongqoshe wezokuVikela nonguSihlalo kazwelonke we-ANC.

Osesithombeni esingenhla: UNosiviwe Mapisa-Nqakula.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva