Lubhalwe nguRorisang Modiba
Isazi samasiko esaziwayo uMnuz Mbuso Khoza sithi ukumba eqolo kwelobolo kuvimbela intsha eningi ukuthi ishade.
Ukholelwa ukuthi ukubeka inani emshadweni kuphambene nemvelo yomuntu nothando lweqiniso.
Isazi samasiko nesingusomlando wakwaZulu uMbuso Khoza ugxeke ilobolo ngokuthi uhlelo lokwenza imali oluhlukumeza umphakathi wakithi.
Ekhuluma ohlelweni i-Newzroom Afrika ngesikhathi kubungazwa impi yaseSandlwana yeminyaka engu-146, uKhoza uthe ilobolo selibiza kakhulu kanti abantu abaningi abasakwazi ukushada.
Lesi sazi somlando, esingumlingisi nomculi sikholwa ukuthi ilobolo selilahlekelwe ingqikithi yalo. Esikhundleni sokuhlanganisa imindeni sekuyenza ihlukane ngenxa yezindleko eziphezulu.
“Akunamali engathenga umuntu,” kusho uKhoza ekhathazekile ngokuthi umshado usuphenduke imali ngaphezu kothando.
Wachaza ukuthi uma abantu bethandana, kuyenzeka ngokwemvelo nangemizwa. Indaba yokuthi kumele uthenge umuntu omthandayo ayiwenzi umqondo kuye.
UKhoza naye ukhathazekile ngendlela amaZulu alahlekelwe ngayo ukuxhumana namasiko nomhlaba wawo.
Osesithombeni esingenhla: UMbuso Khoza.
Umthombo: Instagram
