Umbusi wase-Nigeria uziqhayisa ngokuvula izitolo ze-pizza nezezinkukhu

Arthur Greene

Bosopolitiki baseNingizimu Afrika qaphelani: uma ungenayo impumelelo ongaziqhayisa ngayo ungafunda okumbalwa kumbusi wase-Nigeria.

U-Okezie Ikpeazu, uMbusi weSifunda sase-Abia e-Nigeria, wethuse ababukeli ngemuva kokubuzwa ku-Channel TV ukuthi abale impumelelo yakhe aziqhenya ngayo selokhu angena esikhundleni eminyakeni eyisithupha eyedlule.

Lowo obexoxisana naye uvule imibuzo ngokuthi: “Ake sikhulume ngalokho okwenzele abantu base-Abia State eminyakeni eyisithupha edlule.”

U-Ikpeazu uphendule wathi: “Ningasho ukuthi i-Abia ayisebenzi, ngoba namhlanje e-Abia kuno-Dominos, i-Chicken Republic nezimakethe…”

Kuyiqiniso. Ngemuva kweminyaka eyisithupha ephethe, u-Ikpeazu uthe impumelelo yakhe ebaluleke kakhulu yinkukhu ne-pizza.

Abasebenzisi bezokuxhumana base-Nigeria (okungenani labo abasakwazi ukusebenzisa imithombo yezokuxhumana) bachithe isonto lonke eledlule begxeka ingxoxo ka-Ikpeazu.

UMbusi u-Ikpeazu ubezama ukuveza izibonelo zalokho okuthuthukile kwingqalasizinda nokuzuzwe e-Abia, kodwa uhlulekile ukucabanga ngokunye angakusho.

Kodwa abantu abaningi bebelindele okunye okuhle kune-pizza.

Scrolla World Cup Quiz