Umbulali wasepulazini ubanjwe ngemuva kweminyaka ebalekela amaphoyisa

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Amaphoyisa abambe osolwa ngokubulala obecashile kusukela ngo-2017 ngemuva kokubulala abantu epulazini e-Groblersdal.

Omunye umsolwa ubesafunwa ngokuhlasela ngesihluku okwashiya kushone umlimi.

Amaphoyisa agcine ebambe osolwa ngokubulala osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili ebalekela icala.

Amaphoyisa abophe uTobias Moyo (51) e-Etwatwa, e-Daveyton ngeSonto ngemuva kokulunywa indlebe ngokuthi ucashe kuphi.

UMoyo usolwa ngokuba yingxenye yeqembu elahlasela umlimi nomndeni wakhe ngase-groblersdal ngoNcwaba ngo-2017. Umlimi washona kulesi sigameko.

Abasolwa abane babanjwa ngemuva kwesigameko, kodwa ababili babo banyamalala ngaphambi kokuthi babhekane nenkantolo.

UMoyo uvele eNkantolo yeMantshi yase-Groblersdal ngoLwesibili kanti uzohlala ejele kuze kube usuku lwakhe lwenkantolo olulandelayo ngoMsombuluko.

Amaphoyisa asathungatha omunye umsolwa, uFanie Sergio Makwakwa (31) akholelwa ekutheni naye uyathinteka kulesi sigameko.

Noma ngubani owaziyo ukuthi uMakwakwa ukuphi ucelwa ukuba athinte uDetective-Commander wase-Groblersdal uLieutenant Colonel Edrick Mukwevho noma uDetective Constable Isaac Lebyane.

Amaphoyisa athi ngeke ayeke ukumthungatha kube bonke abathintekayo ekubulaweni bavalelwe ejele.

Esithombeni esingenhla: Ozankosi.

Umthombo wesithombe: File

Izihloko zakamuva