Umbulali waseMlazi ugwetshwe iminyaka engama-25 ‘ngecala lokuzonda’

Sizwe Sibiya

UNombuso Cele usengakwazi ukuqala kabusha ukwakha impilo yakhe ngemuva kokugwetshwa kombulali womshana wakhe.

UMvuyisi Mabhuda, owabulala umculi obesafufusa futhi obeyisishoshovu samalungelo ezitabane, uLindokuhle Cele, ugwetshwe iminyaka engama-25 ebhadla ejele ngokugwaza abulale uLindokuhle ngonyaka odlule.

ULindokuhle wagwazwa amanxeba angama-21 nguMabhuda, washiya ummese esweni lakhe.

Mhla zingama-28 kuMfumfu kowe-2020, abakwa-Scrolla.Africa babika ngecala lokubulala elalilokhu lihlehliswa ngenxa yemithetho ye-Covid-19.

“Siwubonile umthetho udlala indima yawo. ULindokuhle ngeke esabuya kodwa nginethemba lokuthi kusukela namhlanje umoya wakhe uzophumula ngokuthula. Futhi ujabule ukuthi umndeni wakhe ummele kwaze kwaba sekugcineni,” kusho uNombusa.

Ekhulumela uMphakathi we-LGBT eKZN, isishoshovu uHlengiwe Buthelezi uthe kungokokuqala ngqa ukuthi kube khona umuntu ogwetshwayo ngenxa yecala lenzondo selokhu aqala ukukhuthaza ubulungiswa emacaleni afana nalawa, futhi lokhu kuyamjabulisa. 

“Imvamisa abenzi bobubi bagwetshelwa ukubulala, kodwa kulokhu ijaji ligwebe uMabhuda iminyaka engama-25 ngokwenza icala ngenxa yenzondo,” etshela abakwa-Scrolla.Africa.

“Lokho kuyangijabulisa ngoba kuyacaca ukuthi wabulala uLindokuhle ngoba eyisitabane.”

Inkantolo iphinde yazichitha izinsolo zikaMabhuda zokuthi wabulala uLindokuhle ngoba uLindokuhle wayemdlwengulile.

“[UMabhuda] wathi wadlwengulwa ngoMasingana kodwa akazange akubike lokho futhi awekho amarekhodi ezempilo akhombisa lokho. Wayengazi ukuthi ngubani owamdlwengula, wayesecabanga ukuthi ngoba uLindokuhle wayeyisitabane, uyena owamdlwengula,” kusho uButhelezi.

Izihloko zakamuva