Everson Luhanga
Inxenye yokuqala kwezine
“Sibabulele, sibadlwengulile futhi sibaphangele izinto zabo kanye nokuthula ezimpilweni zabo”
UNdumiso Thinto ujwayeleke ngelikaNjilo ezitaladini zase-Alex. Kusho ukuthi ” sinakho konke uma singenakho sikuthatha ngendluzula”.
Ngisho nomama wakhe imbala umubiza ngoNjilo.
Kwinhlolovo yakhe nabakwa-Scrolla.Africa, uNjilo, usephendukile manje ezenzweni zakhe, udalule ukuthi:
- Ulahlekelwe yisibalo sabantu ababulele.
- Wathola isibhamu sakhe sokuqala eneminyaka eyi-13.
- Wabulala isisulu sakhe sokuqala eneminyaka eyi-14.
- Akasakhumbuli ukuthi uboshwe kangaki.
- Ulahlwe yicala wagwetshwa udilika jele kabili.
- Ubesatshwa kakhulu emphakathini.
- “Bengiyindoda emadodeni.”
UNjilo uthe waqala ukuboshwa ngobusuku abulala ngabo isisulu sakhe sokuqala- ngoMgqibelo mhla zimbili kowezi-2000.
“Ngadubula ngabulala umholi weqembu lezitha. Ngabo lobo busuku, ngadubula omunye umuntu ngezinhlamvu eziyi-14. Angeke ngisho ukuthi zingaki izinhlamvu ezamshaya nokuthi zingaki ezamgeja.”
Ngemuva kokudubula iqembu labantu lamujaha futhi lamudubula.
“Ngenkathi ngisaqulekile bathatha isibhamu sami. Ngahanjiswa esibhedlela saseThembisa.
“Ngabona indoda ebengiqeda kuyidubula esibhedlela ewodini labantu abalimele. Ngemuva kwesikhashana ngezwa kuthiwa ushonile ngenxa yamanxeba okudutshulwa.”
UNjilo wagwetshwa udilika jele ngokubulala. Ngenkathi esadonsa isigwebo sakhe ejele lase-Sun City, wakholwa laphoke ukuthi ubugebengu buyakhokhela.
Ejele wahlangana waphinde wafunda kwezinye izigebengu ezindala futhi eziqeqeshekile ezamfundisa okuningi ngobugebengu.
“Ngenkathi ngiphuma ejele, ngakhuphula amasokisi kulolo lwazi olusha lobugebengu.
“Bengingasaphangi omakhalekhukhwini kanye nomabonakude babantu. Bengenza ubugebengu obujulile obukhokhelayo.
“Bengiphuca abantu izimoto, ngintshontsha ezindlini kanye nobunye ubugebengu obujulile obenza imali eqondile.”
Hhayi ukuthi konke bekungenxa yemali. Ngelinye ilanga yena nomgani wakhe oyisigebengu badlwengula intombazane.
“Sabona le ntombazane sayisabisa ngesibhamu sayiphoqa ukuthi ihambe nathi.
Bayudlwengula ubusuku bonke.
UNjilo nomzala wakhe u-Balloon-Tyre, naye ovele waba yisigebengu esinenhliziyo elikhuni, bobabili bavumile ukuthi akusiyo inhlupheko ebaholele empilweni yobugebengu.
Abantu ababeyisibonelo sabo bekuyizigebengu ezinezinhliziyo ezimbi nesihluku.
Bebefuna impilo yobukhazikhazi- izimpahla ezinhle, utswala obubizayo kanye namantombazane amahle.
UNjilo uthi kowezi-2009, unyaka ngemuva kokuthi akhishwe ejele, waphinde waboshwa futhi ngokugqekeza indlu.
Ngaphambi kwalokho wake waboshwa kaningana, kodwa ubengayi emacaleni akhe enkantolo.
“Ngeqe emaphoyiseni kaningi.
“Bengiyindoda enamandla. Uma ngihamba ezitaladini, abantu bebengivulela indlela.
“Bengikhipha isibhamu sami emini kabha ngaphandle kokusifisha. Akekho owaye ngakhuluma noma kube khona owayengangiphakamisela isandla.
“Kodwa ngenkathi sengiboshwe okwesibili, wonke lawo macala kanye nolawo ebengingayi kuwo enkantolo, angibamba futhi avuka wonke lawo macala. Ngangibhekene namacala angaphezu kwayisishiyagalombili.”
Waphunda futhi wagwetshwa udilika jele – kodwa kulokhu uyakubona konke okubi akwenzile kanti uzimisele ukusebenza phezu kwalawo maphutha ayeke impilo yobugebengu.