Lubhalwe nguSbongile Nonyana
- UBele Mashudu ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala uFhaguwani Nguluvhe wase ethola eminye iminyaka engu-20 ngecala lokubamba inkunzi nokuthumba.
- Amaphoyisa alandele umkhondo wamakhadi ebhange antshontshiwe kuMashudu, novumile icala waveza nesidumbu sikamufi.
Owesilisa wase-Limpopo uzochitha impilo yakhe yonke ejele ngemuva kokuvuma icala lokubulala nokubamba inkunzi.
UBele Mashudu, (35), ugwetshwe eNkantolo eNkulu yase-Thohoyandou ngokubulala uFhaguwani Asnathi Nguluvhe. Uphinde wanikwa eminye iminyaka engu-20 ngokuthumba nokubamba inkunzi.
Amaphoyisa abopha uMashudu ngoNdasa ka-2023 ngemuva kokulandela umkhondo wamakhadi ebhange antshontshiwe esiteshini sikaphethroli e-Thohoyandou.
Umndeni kaNguluvhe wabika ukuthi ulahlekile, nokuholele ekutheni amaphoyisa aphenye.
Ekuqaleni uMashudu wayebekwe icala lokutholakala nempahla eyebiwe. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi wavuma ukuthi wathumba, wabamba inkunzi wabulala uNguluvhe.
Uze waholela amaphoyisa lapho ebesifihle khona isidumbu.
NgoLwesithathu, iNkantolo ePhakeme yase-Thohoyandou imgwebe udilikajele ngecala lokubulala, iminyaka engu-15 ngokuphanga kanye neminyaka emihlanu ngokuthumba. Zonke izigwebo zizodonswa kanye kanye.
UKhomishana wamaphoyisa e-Limpopo uLieutenant General Thembi Hadebe uncome amaphoyisa axazulule leli cala.
Uphenyo beluholwa nguKaputeni Pila, uSayitsheni Mutele noSayitsheni Gethe.
Osesithombeni esingenhla: Umbulali olahlwe yicala uBele Mashudu wase-Limpopo
Umthombo: Sithunyelwe