Sandiso Phaliso
U-Aluta Pasile, odume ngelika-Suitcase Killer, usexolisile enkantolo ngecala elinonya athe aligcinanga ngokucekela phansi imindeni emibili, kodwa liphinde lathusa umphakathi.
UPasile ulivumile icala lokubulala intombi yakhe uNosicelo Mtebeni obeneminyaka engama-23, ngenxa yesikhwele.
Encwadini yekhasi elilodwa efundwe eNkantolo eNkulu yase-East London ngoMsombuluko ngummeli wakhe uNomsa Dyantyi, uPasile uxolise kubo bonke abesifazane nezingane ngesenzo sakhe.
“Ngiyaxolisa kakhulu kumndeni kaNosicelo ngokuvumela usathane ukuthi angisebenzise ekuthatheni impilo yakhe,” kusho uPasile encwadini.
UPasile wagwaza uNosicelo ngoNcwaba ngenxa yesikhwele ngemuva kwezinsolo zokuthi wathola imilayezo ephuma komunye wesilisa kumakhalekhukhwini wakhe.
“Kubuhlungu kakhulu futhi nginamahloni ngalokhu engikwenzile. Ngiyazisola ngesenzo sami. Ngiyazi ukuthi ngibangele umndeni kaNosicelo usizi nobuhlungu. Angikwazi ngempela ukucabanga ukuthi umndeni wakhe ubhekene nani,” kubhale uPasile.
Inkantolo kuphoqeleke ukuthi ithathe ikhefu imizuzu embalwa njengoba ubaba kaNosicelo, uBaxolise Mtebeni ekhihle isililo ngemuva kokufundwa kwencwadi.
UMtebeni ukuchithile ukuxolisa wathi uPasile uyazenzisa.
“Angikwazi ukumxolela. Abazali bakhe bazoqhubeka nokubona indodana yabo ngamehlo abo, kodwa ngeke ngiphinde ngiyibone indodakazi yami,” kusho uMtebeni.
Uthe icala lenzeka ngoNcwaba, kodwa uPasile ima ecela uxolo manje.
“Umthetho kumele uthathe indawo yawo,” esho.
UNosicelo watholwa ebulewe mhla ziyi-19 kuNcwaba kanti enkantolo kuvele ukuthi uPasile wambulala ezinsukwini ezimbili ngaphambi kokuthi atholakale. Inkantolo ilalele imininingwane ehlasimulisa umzimba ngokubulawa kukaNosicelo nokuthi umbulali wakhe uphenye kanjani ku-inthanethi ngezindlela zokulahla isidumbu. Ezinye zezitho zakhe zomzimba bezigxishwe epotimendeni zase zibekwa ekhoneni lomgwwaqo i-Quigney, e-Eastern Cape, lapho izithandani ebezihlala khona efulethini.