Izinguquko zokuphatha kumasipala obangwayo 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Ngemuva kwenyanga kwaqubuka izingxabano zezombusazwe kubangwa izikhundla ezibalulekile kuMasipala wase-Ekurhuleni ekugcineni isimo siyadamba.

USomlomo we-DA kanye noSotswebhu we-DA bakhishiwe kanti isabelomali sokulungiswa maphakathi nonyaka siphasisiwe ngesikhathi kunomhlangano ongajwayelekile womkhandlu e-OR Tambo Government Precinct ngoLwesibili.

I-ANC ne-EFF iyona edle umhlanganiso futhi sebephethe izikhundla ezibalulekile zomkhandlu njengoba kuqokwe uMnu Nthabiseng Tshivhenga we-EFF njengoSomlomo kanye noJongizizwa Dlabathi we-ANC oqokwe njengoSotswebhu womkhandlu. 

Isikhathi esingaphezu kwezinyanga ezintathu ukulethwa kwezidingo kwama, utshani bekunganqunywa, amanzi engekho, imigodi emigwaqeni, udoti ubungaqoqwa kanye nosonkontileka beshiya izinsiza bengakhokheliwe ngenxa yokumiswa kwesabelomali sokulungiswa phakathi nonyaka.

Isabelomali sahlelelwa uLwesine ngesikhathi kunomhlangano womkhandlu futhi amaqembu enqaba ukusigunyaza ngaphambi kokuthi uDlamini akhishwe ngesiphakamiso sokungabethembi ubuholi bakhe.

Ephendula ekulungisweni kwesabelomali iMeya uTania Campbell ithe isabelomali sokulungisa sizohlanganisa kabusha izimali zedolobha ukuze kuhlangatshezwane nezidingo zezakhamizi.

“Manje sesisesimweni sokuthenga ama-compactors kadoti ukuze athathe indawo yalawa amadala.

“Nathi sisethubeni lokuthi silungise imigwaqo yethu futhi kuzosikwa notshani.”

“UCampbell wengeze ngokuthi kuyishwa ukuthi amaqembu athile ezepolitiki akhethe ukubeka intshisekelo yawo ngaphambi kwezakhamuzi” engeza.

UTshivhenga uthe abantu base-Ekurhuleni bazogcina belutholile usizo futhi bathole umuntu ozokwazi ukulalela izikhalazi zabo.

“Sizoqhubeka nokuphoqa izikhulu kanye neMeya ukuthi baziphendulele ukuze siqinisekise ukuthi izidingo zifinyelela kuzo zonke izakhamuzi zase-Ekurhuleni.”

USihlalo we-EFF Ekurhuleni uNkululeko Dunga uthe bazothatha izintambo futhi bazongena ezikhundleni ezinhlanu zekomidi leMeya. 

Isithombe esingenhla: USotswebhu womkhandlu uJongizizwa Dlabathi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva