Umbiko wokuqala weKhomishini kaZondo ugeqa amagula ngoZuma

Toby Shapshak

Owayengumengameli wezwe, uMnu Jacob Zuma, ubalekele iKhomishini kaZondo ngoba ubengeke akwazi ukuphendula imibuzo yokuthi kungani agcina uDudu Myeni njengenhloko ye-South African Airways naphezu kokuba emoshe le nhlangano ngenkohlakalo nokukhwabanisa.

Embikweni wayo obusulindwe isikhathi eside, odluliselwe kuMengameli uCyril Ramaphosa ngoLwesibili, iKhomishini kaZondo iphethe ngokuthi lowo owayenguMengameli wezwe uhamba phambili enkohlakalweni ye-South African Revenue Service.

Lowo owayengumengameli wezwe uMnu uJacob Zuma, owaboshelwa ukunqaba ukuvela phambi kwekhomishini kodwa okwamanje ungaphandle ngoshwele wokugula – kuvele embikweni wokuqala kwemithathu ukuthi ukugetshengwa kwezinkampani zikahulumeni ngokungafanele kwakuhamba phambili ngesikhathi ephethe izwe iminyaka eyisishiyagalolunye.

Ikhomishini iphakamise ukuthi owayeyisikhulu sakwa-Transnet, uBrian Molefe, owayeyisikhulu sakwa-Eskom uColin Matjila kanye nosomabhizinisi uTony Gupta babekwe amacala okukhwabanisa nenkohlakalo athinta iphephandaba labakwaGupta i-The New Age (i-TNA).

IKhomishini ibhale ukuthi “[Umthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomphakathi] ngokucacile nangokuqinisekile wenza zonke izinkontileka ze-TNA zangabi semthethweni.

Ikhomishini iphakamise ukuthi kumele bobabili uMyeni noTom Moyane, owayeyinhloko yophiko lwezentela eNingizimu Afrika baphenywe ngeqhaza labo kwa-SAA nakwa-Sars.

Umbiko uthole ukuthi i-SAA “yayingenzi kahle” ngesikhathi kuphethe uNksz Myeni ngenxa yokuba “yingxenye yenkohlakalo nokukhwabanisa”. Wayengaphansi kwengcindezi yokwesatshiswa, ukuba nezimfihlo kanye nokudideka ngesikhathi engumphathi wenkampani yezindiza.

ONgqongqoshe ababili bangaphambilini bezezimali bachazele iKhomishini ukuthi phezu kwalokhu, uMyeni wagcinwa njengosihlalo wayo kwaze kwadlula isikhathi okwakumele akhishwe ngaso esikhundleni ngoba wayeyintandokazi yowayenguMengameli wezwe uMnu Jacob Zuma.

“Lokhu kuyafana nokubalekela iqiniso nokuziphendulela.”

Umbiko uthe “kunobufakazi obunqala bokuthi uNksz Myeni wayehlomula ngokungemthetho ezinsizeni [ze-State Security Agency] futhi wayejabulela ukuvikelwa kwabasebenzi abacashile, abaqeqeshwe phesheya ngamasu okulwa nezobunhloli kanye nokuqoqwa kwezobunhloli.”

Umbiko uphethe ngokuthi uZuma wanqaba ukuvela phambi kweKhomishini ngoba ubengeke akwazi ukuchaza isinqumo sakhe sokuthi kungani ayechema noNksz Myeni nokumgcina emsebenzini.

Umbiko uphinde waphakamisa ukuthi uMoyane abekwe icala lokuqamba amanga ngokunikeza ubufakazi obungamanga ePhalamende.

Izihloko zakamuva